Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 4:39 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 Wayesevuka, wakhuza umoya, wathi kulo ulwandle: “Thula, uthi du.” Kwanqamuka umoya, kwaba khona ukuthula okukhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

39 Wayesevuka, wawukhuza umoya, wathi kulo ulwandle: “Thula, uthi du.” Umoya wawusuthula, kwaba nokuthula okukhulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

39 Wasevuka, wawukhuza umoya, wathi kulo ulwandle: Thula, uthi cwaka. Umoya wanqamuka, kwaba khona ukuthula okukhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Wasevuka, wawukhuza umoya, wathi kulo ulwandle: Thula, uthi cwaka. Umoya wanqamuka, kwaba khona ukuthula okukhulu.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 4:39
21 Referans Kwoze  

Wathulisa isiphepho, kwaze kwaba ngukuthula, kwathula namadlambi olwandle.


Wena uyabusa ukukhukhumala kolwandle; uma kuphakama amadlambi alo, uyawathulisa.


othulisa ukuduma kwezilwandle, inhlokomo yamaza azo nomsindo wabantu.


UJehova wayehlezi ebusa phezu kukazamcolo; uJehova uhlezi eyinkosi kuze kube phakade.


Aningesabi yini,” usho uJehova, “anithuthumeli phambi kwami, mina engibeke isihlabathi sibe ngumkhawulo wolwandle, umncele ophakade olungenakudlula kuwo, na? Noma lugubha, alunakuwahlula; noma luduma, alunakudlula kuwo.


lapho emisela ulwandle umncele, ukuze amanzi angeqi izwi lakhe, nalapho emisa izisekelo zomhlaba,


nawe mlilo nesichotho, liqhwa nenkwezane, nawe siphepho esenza okwezwi lakhe,


ngathi: ‘Uyakufika lapha, kepha ungadluli; lapha amaza akho aziqhenyayo ayakumiswa,’ na?


Abantwana bakwa-Israyeli bangena phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo; amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene nangakwesokhohlo.


UJesu esebona ukuthi isixuku sigijimela ndawonye, wamkhuza umoya ongcolileyo, wathi kuye: “Wena moya oyisimungulu nesithulu ngiyakuyala mina, ngithi: Phuma kuye, ungabe usangena kuye.”


Phakamisa wena induku yakho, welule isandla sakho phezu kolwandle, ulwahlukanise; abantwana bakwa-Israyeli bazakuhamba phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo.


Wamengama, wakhuza umkhuhlane; wona wamyeka; wasuka masinyane, wabakhonza.


Uyakhuza ulwandle, alomise, ashise nemifula yonke; iBashani liyawuma kanye neKarmeli, nezimbali zaseLebanoni ziyabuna.


Ngokuba uJehova akayikulahla kuze kube phakade.


Wayesethi kubo: “Nesabelani nina bokukholwa okuncane na?” Khona wavuka wakhuza umoya nolwandle, kwaba khona ukuthula okukhulu.


Kepha yena wayengasemuva emkhunjini elele esicamelweni; bamvusa, bathi kuye: “Mfundisi, awunaki, nakuba sibhubha, na?”


UJesu wamkhuza wathi: “Thula, uphume kuye!” Idemoni lamphonsa phansi phakathi kwabo, laphuma kuye lingamlimazanga.


Base besondela, bamvusa bathi: “Nkosi, Nkosi, safa.” Wavuka-ke, wakhuza umoya nokugubha kwamanzi. Kwanqamuka, kwathula kwathi du.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite