Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 4:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Wathi kubo: “Nina niphiwe imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu, kodwa abangaphandle benzelwa konke ngemifanekiso,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Wathi kubo: “Nina nambulelwe imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu, kodwa abangaphandle, konke kuza kubo ngemizekeliso,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Wathi kubo: “Nina niphiwe ukwazi imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Wathi kubo: “Nina niphiwe ukwazi imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu;

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 4:11
20 Referans Kwoze  

Ngalelo hora uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane;


Wathi-ke: “Niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kepha abanye bakuphiwa ngemifanekiso ukuba bebona bangaboni, bezwa bangaqondi.


Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.


ukuze nihambe ngokufaneleyo kwabangaphandle, ningasweli lutho.


Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi.


Kumelwe futhi ukuba abe nobufakazi obuhle kwabangaphandle, funa ayele esihlambeni nasesihibeni sikaSathane.


esazisa imfihlakalo yentando yakhe njengokuzibonela kwakhe azimisela khona ngaphambili,


Ngokuba uNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye,” nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu kodwa uBaba osezulwini.


“Kodwa abusisiwe amehlo enu, lokhu ebona, nezindlebe zenu, lokhu zizwa.


Ngokuba ngubani okhetha wena na? Unantoni ongayamukeliswanga na? Kepha uma uyamukelisiwe, uzibongelani kungathi awuyamukeliswanga na?


Wayesebabiza, wakhuluma kubo ngemifanekiso, ethi: “USathane angakhipha kanjani uSathane na?


Wabafundisa okuningi ngemifanekiso; wathi kubo ekufundiseni kwakhe:


Lapho esengasesitha, ababe naye kanye nabayishumi nambili bambuza ngale mifanekiso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite