Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 3:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UJesu wasuka kanye nabafundi bakhe, waya ngaselwandle; isixuku esikhulu samlandela sivela eGalile, naseJudiya,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 UJesu nabafundi bakhe basuka baya ngasolwandle. Izixuku zamlandela, zivela eGalile naseJudiya,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Kodwa uJesu wasuka wahamba labafundi bakhe, waya elwandle;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kodwa uJesu wasuka wahamba labafundi bakhe, waya elwandle;

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 3:7
20 Referans Kwoze  

Khona wehla nabo, wema endaweni eyithafa kanye nesixuku esikhulu sabafundi bakhe noquqaba lwabantu abavela kulo lonke laseJudiya, naseJerusalema, nangaselwandle lwaseTire neSidoni,


Izixuku eziningi zamlandela zivela eGalile, naseDekapholi, naseJerusalema, naseJudiya, nangaphesheya kweJordani.


Kepha uJesu ekwazi lokho wamuka lapho. Bamlandela abaningi, wabaphulukisa bonke.


Kwayikhona beqinisa kakhulu, bethi: “Uvusa abantu efundisa kulo lonke laseJudiya, eqalile kwelaseGalile, waze wafika lapha.”


Kwathi ngalezo zinsuku waphuma waya entabeni ukuyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu.


Wahamba eshumayela emasinagogeni* abo kulo lonke iGalile, ekhipha amademoni.


Nxa benizingela komunye umuzi, anobalekela komunye; ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.


Esizweni sakwaNafetali: iKedeshi laseGalile namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neHamoti Dori namadlelo alo, neKaritani namadlelo alo, imizi mithathu.


Bangcwelisa iKedeshi laseGalile ezintabeni zakwaNafetali, neShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi, neKiriyati Araba eliyiHebroni ezintabeni zakwaJuda.


Khona abazalwane bamukisa masinyane uPawulu ukuba aze afike elwandle; kepha oSila noThimothewu basala khona.


Kepha abazalwane bamukisa oPawulu noSila masinyane ebusuku ukuba baye eBereya; bona sebefikile khona bangena esinagogeni* labaJuda.


Baphendula, bathi kuye: “Kanti nawe ungowaseGalile na? Phenyisisa, ubone ukuthi akuveli mprofethi eGalile.”


Abanye bathi: “Lo unguKristu.” Kepha abanye bathi: “Kanti uKristu uvela eGalile na?


Wabayalisisa ukuba bangamzwakalisi,


Kepha yena esephumile waqala ukuyandisa kakhulu nokuyidumisa le ndaba, ngangokuba uJesu wayengasenakungena emzini obala; wayesehlala ngaphandle ezindaweni eziyihlane; beza kuye bevela nxazonke.


Wayesefika ekhaya; isixuku sabuthana futhi, ababe besaba nathuba lokudla nasinkwa.


Khona wabuye waqala ukufundisa ngaselwandle. Kwabuthana kuye isixuku esikhulu kakhulu, waze wangena emkhunjini, wahlala elwandle; isixuku sonke sasisemhlabathini ngaselwandle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite