Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 3:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 ngokuba wayephulukisa abaningi, kwaze kwathi bonke abanezifo bawela phezu kwakhe ukuba bamnamathe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Ngokuba waphulukisa abaningi, kangangokuthi bonke ababegula babedudulana, bewela phezu kwakhe, ukuze bamthinte.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Ngokuba wayephulukise abaningi; baze bamcindezela ukuba bamthinte bonke ababenezifo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngokuba wayephulukise abaningi; baze bamcindezela ukuba bamthinte bonke ababenezifo.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 3:10
18 Referans Kwoze  

Kwathi nomaphi lapho engena khona, emizaneni, nasemizini, nasemaphandleni, babeka abagulayo ezigcawini, bamncenga ukuba bathinte noma umphetho wengubo yakhe kuphela; bonke abamthinta basindiswa.


Bamncenga ukuba bathinte nje umphetho wengubo yakhe; bonke abawuthinta basindiswa.


UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni* abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.


ngangokuba bakhiphela phandle emigwaqweni abagulayo, bababeka emacansini nasezinhlakeni, kuze kuthi lapho eza uPetru, isithunzi nje sakhe sisithibeze abanye kubo.


Inceku yenduna yekhulu ethile ethandekayo kuyo yayigula, isizakufa.


ngokuba iNkosi iyamlaya emthandayo ishaye yileyo naleyo ndodana eyamukelayo.”


Wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ube nokuthula; usuphulukile enhluphekweni yakho.”


Waphuma, wabona isixuku esikhulu; waba nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo.


Kepha uJesu ekwazi lokho wamuka lapho. Bamlandela abaningi, wabaphulukisa bonke.


Inyama isekhona phakathi kwamazinyo abo, ingakahlafunwa, ulaka lukaJehova lwavuthela abantu, uJehova wabashaya abantu ngokufa okukhulu kakhulu.


Kepha uJehova wamshaya uFaro nendlu yakhe ngezinhlupho ezinkulu ngenxa kaSarayi umka-Abrama.


Bafika eBetsayida. Base beletha kuye impumputhe, bamncenga ukuba ayiphathe.


Esengene komunye wemikhumbi ongokaSimoni wamcela ukuba asuke kancane emhlabathini. Wahlala phansi, wabafundisa abantu esemkhunjini.


Isixuku sonke safuna ukumthinta, ngokuba kwakuphuma kuye amandla abaphilisa bonke.


Ngalowo mzuzu yayiphulukisa abaningi ezifweni nasebuhlungwini nakomoya ababi; nezimpumputhe eziningi yazipha ukubona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite