Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 2:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Kwase kubuthana abaningi, akwabe kusabakho ndawo nangasemnyango; wakhuluma izwi kubo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Kwase kubuthana isixuku; akwabe kusaba khona ndawo ngasemnyango. UJesu wayekhuluma izwi kubo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Kwase kubuthana abaningi, akwabe kusabakho ndawo nangasemnyango; wakhuluma izwi kubo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kwase kubuthana abaningi, akwabe kusabakho ndawo nangasemnyango; wakhuluma izwi kubo.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 2:2
20 Referans Kwoze  

Waphuma futhi, waya ngaselwandle; isixuku sonke sabantu seza kuye, wabafundisa.


Kepha yena esephumile waqala ukuyandisa kakhulu nokuyidumisa le ndaba, ngangokuba uJesu wayengasenakungena emzini obala; wayesehlala ngaphandle ezindaweni eziyihlane; beza kuye bevela nxazonke.


Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.


Kepha kuthini na? Izwi liseduze nawe, emlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho, okungukuthi izwi lokukholwa esilishumayelayo.


Base bedabula izwe laseFrigiya nelaseGalathiya, benqatshelwe nguMoya oNgcwele ukulikhuluma izwi e-Asiya;


Sebekhulumile izwi ePherge, behlela e-Ataliya.


Kepha labo ababehlakazekile ngokuhlupheka okwaqala ngoStefanu bahamba, baze bafika eFenike, naseKhupro, nase-Antiyokiya, bengalikhulumi izwi koyedwa, kubaJuda kuphela.


Kuthe sebefakazile, belikhulumile izwi leNkosi, babuyela eJerusalema, bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yabaseSamariya.


Kwathi sezibuthene izigidi zabantu baze banyathelana, waqala ukukhuluma, ikakhulu kubafundi bakhe, ethi: “Xwayani imvubelo yabaFarisi engukuzenzisa.


“Umfanekiso yilokhu-ke: imbewu iyizwi likaNkulunkulu.


Kwathi emva kwalokho wayehamba imizi nemizana eshumayela ememezela ivangeli lombuso, benaye abayishumi nambili


Sebemfumene bathi kuye: “Bonke bayakufuna.”


Umuzi wonke wawubuthene ngasemnyango.


Emva kokuboshwa kukaJohane uJesu wafika eGalile eshumayela ivangeli likaNkulunkulu,


Wayesevula umlomo wakhe, wabafundisa wathi:


Ngishumayelile ukulunga ebandleni elikhulu; bheka, angizivalanga izindebe zami; Jehova, wena uyakwazi.


Kwathi ngolunye lwalezo zinsuku yena esafundisa, kwakuhlezi khona abaFarisi nabafundisi bomthetho ababephuma emizini yonke yaseGalile neJudiya neJerusalema. Namandla eNkosi ayekuye ukuba aphulukise.


Wathi ephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngabantu, ngokuba babe njengezimvu ezingenamalusi; waqala ukubafundisa okuningi.


Wabuye wangena eKapernawume emva kwezinsuku ezithile; kwezwakala ukuthi usendlini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite