Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 2:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Khona ababhali babaFarisi bembona edla nezoni nabathelisi bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba adle nabathelisi nezoni na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Izazimthetho ezingabaFarisi, zibona ukuthi uJesu udla nezoni nabathelisi, zathi kubafundi bakhe: “Kungani ukuba adle nabathelisi nezoni na?”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Kwathi ababhali labaFarisi bembona esidla labathelisi lezoni, bathi kubafundi bakhe: Kungani esidla lokusela labathelisi lezoni?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kwathi ababhali labaFarisi bembona esidla labathelisi lezoni, bathi kubafundi bakhe: Kungani esidla lokusela labathelisi lezoni?

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 2:16
14 Referans Kwoze  

Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa okulahlekileyo.”


UmFarisi wema wazikhulekela ngokuthi: ‘Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabanye abantu: izigcwelegcwele, abangalungile, iziphingi, nanjengalo mthelisi.


Kepha ongowomoya ubonisisa konke, kodwa yena kabonisiswa muntu.


Kwase kuvela umsindo omkhulu, kwasukuma abathile kubabhali benxenye yabaFarisi, balwa kakhulu, bathi: “Asifumani lutho olubi kulo muntu; uma, pho, kukhulume kuye umoya noma ingelosi na?”


Kuthe bekubona, bakhonona bonke, bathi: “Uye kungenisa kwandoda eyisoni.”


abathi: ‘Hlehla, ungasondeli kimi, ngokuba ngingcwele kuwe;’ banjengomusi emakhaleni ami, umlilo ovutha usuku lonke.


Yebo, mqondeni yena owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni, ukuze ningakhathali, niphele amandla emiphefumulweni yenu.


“Lo ukhulumelani kanje na? Uyahlambalaza. Ngubani ongathethelela izono, kungeyena uNkulunkulu yedwa na?”


Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma enqaba ukuzwa nalo ibandla, makabe kuwe njengowezizwe nomthelisi.


AbaFarisi bekubona lokho bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba umfundisi wenu adle nabathelisi nezoni na?”


Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi njalo nabathelisi na?


Kwathi ehlezi ekudleni endlini yakhe, abathelisi abaningi nezoni bahlala noJesu nabafundi bakhe; ngokuba babe baningi, bamlandela.


AbaFarisi nababhali bakhonona kubafundi bakhe, bathi: “Yini ukuba nidle niphuze nabathelisi nezoni na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite