Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 14:41 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 Weza ngokwesithathu, wathi kubo: “Nisalele namanje niphumula. Kwanele, ihora lifikile; bhekani, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

41 Wabuyela kubo ngokwesithathu, wathi: “Namanje nisalele, niphumule. Kwanele, selifikile ihora; iNdodana yomuntu isizokhashelwa ezandleni zezoni.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

41 Weza ngokwesithathu, wathi kubo: “Nisalele manje, niphumule; kwanele; bheka, iNdodana yomuntu iyakhashelwa ezandleni zezoni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

41 Weza ngokwesithathu, wathi kubo: “Nisalele manje, niphumule; kwanele; bheka, iNdodana yomuntu iyakhashelwa ezandleni zezoni.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 14:41
23 Referans Kwoze  

Waqhubeka ingcosana, wawa phansi, wakhuleka ukuba, uma kungenzeka, kudlule kuye lo mzuzu.


ngokuba wabafundisa abafundi bakhe, wathi kubo: “INdodana yomuntu ikhashelwa ezandleni zabantu, bazakuyibulala; kuthi isibulewe, izakuvuka emva kwezinsuku ezintathu.”


UJesu wakhuluma lokho; wayesephakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, isikhathi sifikile; khazimulisa iNdodana yakho, ukuze iNdodana ikukhazimulise wena,


Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? Bababulala ababememezela ngaphambili ukuza koLungileyo, eseningabakhapheli nababulali bakhe,


“Kalokhu umphefumulo wami ulusizi, ngizakuthini na? Baba, ngisindise kulo mzuzu. Kodwa ngenxa yalokhu ngize kulo mzuzu.


UJesu waphendula, wathi kubo: “Sesifikile isikhathi sokuba ikhazimuliswe iNdodana yomuntu.


Lawo mazwi wawakhuluma ngasemphongolweni weminikelo efundisa ethempelini; akubangakho ombambayo, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.


Ngakho bafuna ukumbamba, kepha akubangakho owambeka isandla, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.


Sebehlezi ekudleni, uJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Omunye kini, odla nami, uzakungikhaphela.”


UJuda Iskariyothe, omunye wabayishumi nambili, wayeseya kubapristi abakhulu ukuba amkhaphele kubo.


Wayesethi kubo: “Yebo, nichitha umyalo kaNkulunkulu ukuba nigcine isiko lenu.


“Niyazi ukuthi emva kwezinsuku ezimbili kuyiPhasika; iNdodana yomuntu izakukhashelwa ukuba ibethelwe esiphambanweni.”


“ ‘Nina ndlu yakwa-Israyeli, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Hambani nikhonze, kube yilowo isithombe sakhe, kepha impela ngasemuva niyakungilalela, ningabe nisalingcolisa igama lami elingcwele ngeminikelo yenu nangezithombe zenu.


Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho, inhliziyo yakho ikuphe ukwenama emihleni yobunsizwa bakho, uhambe ngezindlela zenhliziyo yakho njengokubona kwamehlo akho, kepha yazi ukuthi ngakho konke lokho uNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.


Kepha u-Elisha wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Nginamsebenzi muni nawe na? Hamba uye kubaprofethi bakayihlo nakubaprofethi bakanyoko.” Kepha inkosi yakwa-Israyeli yathi kuye: “Hhayi, ngokuba uJehova ubizile lawo makhosi amathathu ukuwanikela esandleni sakwaMowabi.”


Esefikile enkosini, inkosi yathi kuye: “Mikhaya, sihambe silwe neRamoti Gileyadi, noma siliyeke, na?” Wathi kuyo: “Yenyuka, ube nempumelelo; uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.”


Kwathi ngasemini u-Eliya wadlala ngabo, wathi: “Memezani ngezwi elikhulu; noma engunkulunkulu, mhlawumbe uyazindla, noma echezukile nje, noma esohambeni, noma elele edinga ukuvuswa.”


Hambani nikhale konkulunkulu enibakhethileyo; mabanisindise ngesikhathi sosizi lwenu.”


Esebuya futhi wabafumana belele, ngokuba amehlo abo ayenzima; babengazi ukuthi bazakumphendula ngokuthini.


Sukumani sihambe. Bhekani, ongikhaphelayo usesondele.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite