Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 12:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Wayeseqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso, ethi: “Umuntu watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 UJesu wayeseqala ukukhuluma kubo ngemizekeliso, ethi: “Umuntu watshala isivini, wasibiyela, wemba isikhamo, wakha isiqongo sokulinda. Wasiqashisa kubalimi, wahamba waya kwelinye izwe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Waseqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso. Umuntu othile watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo sewayini, wakha umbhoshongo, wasiqashisa kubalimi, waya ezweni elikude.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Waseqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso. Umuntu othile watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo sewayini, wakha umbhoshongo, wasiqashisa kubalimi, waya ezweni elikude.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 12:1
38 Referans Kwoze  

Kunjengomuntu owahambela kwelinye izwe; washiya indlu yakhe, wanika izinceku zakhe amandla, yileyo naleyo wayinika umsebenzi wayo, wayala umlindisango ukuba alinde.


Wabafundisa okuningi ngemifanekiso; wathi kubo ekufundiseni kwakhe:


“Ngokuba kunjengomuntu owathi eyakuhambela kwelinye izwe wabiza izinceku zakhe, wazinika impahla yakhe;


Nguye lowo owayesebandleni ehlane kanye nengelosi eyakhuluma naye entabeni yaseSinayi kanye nawobaba, nowamukela amazwi okuphila, ukuze aninike wona.


Wathi-ke: “Umuntu othile wohlanga olukhulu waya ezweni elikude eyozithathela umbuso, abuye.


“Kwathi emva kwezinsuku ezingeziningi indodana encane yayisibutha konke, yamuka, yaya ezweni elikude, yachitha khona imfuyo yayo ihamba ngokonakala.


Wathi-ke: “Niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kepha abanye bakuphiwa ngemifanekiso ukuba bebona bangaboni, bezwa bangaqondi.


“Kepha nithini na? Umuntu wayenamadodana amabili; waya kweyokuqala, wathi: ‘Mntanami, hamba, uyosebenza namuhla esivinini.’


Ngathi: “Awu, Nkosi Jehova! Bathi ngami: ‘Asithi uyalinganisa ngezaga na?’ ”


Mina ngakutshala ungumvini omuhle, imbewu elungileyo yodwa; pho, uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi, elomvini wabezizwe, na?


Kuyakuthi ngalolo suku yonke indawo lapho kukhona imivini eyinkulungwane, elingene nezinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva, ibe ngeyamakhakhasi nameva.


Bathi kuye: “Uthanda ukuba sikulungiselephi na?”


Wakhuluma kubo okuningi ngemifanekiso, wathi: “Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela.


“Yizwani omunye umfanekiso. Kwakukhona umuntu, umninindlu, owatshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba khona isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe.


Kwathi sekusondele isikhathi sezithelo, wathuma izinceku zakhe kubalimi ukuba zithathe izithelo zakhe.


Wayesebabiza, wakhuluma kubo ngemifanekiso, ethi: “USathane angakhipha kanjani uSathane na?


Base bemphendula uJesu, bathi: “Asazi.” Wayesethi uJesu kubo: “Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite