Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 7:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Inceku yenduna yekhulu ethile ethandekayo kuyo yayigula, isizakufa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Induna yekhulu yayinenceku eyithandayo eyayisigulela ukufa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Kepha inceku yenduna yekhulu ethile ethandekayo kuyo yayigula, isizakufa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kepha inceku yenduna yekhulu ethile ethandekayo kuyo yayigula, isizakufa.

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 7:2
24 Referans Kwoze  

yathi: “Makabongwe uJehova, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, ongayekile ukwenzela inkosi yami umusa neqiniso; uJehova ungiholile mina endleleni kuze kube sendlini yabafowabo benkosi yami.”


Zinceku, lalelani ezintweni zonke labo abangamakhosi enu ngokwenyama, kungengokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu kodwa ngobuqotho benhliziyo, niyesabe iNkosi.


Induna yekhulu ibone okwenzekileyo yamdumisa uNkulunkulu, yathi: “Nempela lowo muntu ube ngolungileyo.”


Ngokuba yayinendodakazi eyodwa kungathi ineminyaka eyishumi nambili, yona isifa. Kepha esahamba, izixuku zamminyanisa.


Kepha induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu sebebona ukuzamazama nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ube yiNdodana kaNkulunkulu.”


Inceku ekhuliswa kahle kwasebuntwaneni iyakuba yindodana ekugcineni.


“Uma ngihambile ngamanga, nonyawo lwami luphuthume enkohlisweni,


UDebora umzanyana kaRebeka wafa, wembelwa ngenzansi neBethele phansi kwe-oki;* igama lalo labizwa ngokuthi i-Alonibakuti.*


kepha induna yekhulu ithanda ukusindisa uPawulu yawavimbela enhlosweni yawo, yayala ukuba labo abakwazi ukuhlamba baziphonse kuqala emanzini, bafike emhlabathini,


Ngangomuso safika eSidoni; uJuliyu wamphatha kahle uPawulu, wamvumela ukuba aye kubahlobo bakhe, ahlunyelelwe.


Kwathi sekunqunyiwe ukuba siye e-Italiya ngomkhumbi, banikela uPawulu nezinye iziboshwa ezithile enduneni yekhulu, igama layo linguJuliyu, eyebutho likaKesari.


UPawulu wayesebiza enye induna yekhulu, wathi: “Yisa le nsizwa enduneni yenkulungwane, ngokuba inento ezakuyibika kuyo.”


Induna yekhulu ikuzwile yaya enduneni yenkulungwane, yabika yathi: “Usuzakwenzani na, ngokuba lowo muntu ungumRoma?”


Isimukile ingelosi ebikhuluma naye, wabiza ababili bendlu yakhe nebutho elikholwayo kulawo ayehlala naye njalo,


Kwakukhona eKesariya indoda ethile egama layo linguKorneliyu, eyinduna yekhulu yebutho elithiwa elase-Italiya;


Kwathi eseqede onke amazwi akhe ezindlebeni zabantu, wangena eKapernawume.


Isizwile ngoJesu yathuma amalunga abaJuda kuye, imcela ukuba eze ayisindise inceku yayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite