Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 9:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJesu ezazi izizindlo zabo wathi: “Nizindlelani okubi ezinhliziyweni zenu na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 UJesu eyazi imidlinzo yabo, wathi: “Yini nidlinze okubi ezinhliziyweni zenu na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 UJesu eyazi imicabango yabo wathi: “Nizindlani okubi ezinhliziyweni zenu na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJesu eyazi imicabango yabo wathi: “Nizindlani okubi ezinhliziyweni zenu na?

Gade chapit la Kopi




Mathewu 9:4
24 Referans Kwoze  

Kepha wazazi izizindlo zabo wathi kuyo indoda esandla sishwabene: “Sukuma, ume phakathi.” Wasukuma-ke, wema.


Kepha uJesu ezazi izizindlo zabo wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owahlukene wodwa uyachitheka, nalowo muzi nokuba indlu eyahlukene yodwa ingeme.


ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; amabandla onke ayakwazi ukuthi nginguye ophenya izinso nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika yilowo nalowo wenu ngokwemisebenzi yakhe.


Kalokhu siyazi ukuthi wazi konke, awudingi ukuba umuntu akubuze; ngalokho siyakholwa ukuba wavela kuNkulunkulu.”


Kepha yena eyazi imicabango yabo wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owahlukene wodwa uyachitheka, indlu idilike phezu kwendlu.


Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami, uqonda umcabango wami ukude.


uNkulunkulu ubengayikukuhlola na? Ngokuba yena uyazazi izimfihlakalo zenhliziyo.


Kepha uPetru wathi kuye: “Kungani ukuba nivumelene ngokulinga uMoya weNkosi na? Bheka, izinyawo zabambele indoda yakho zisemnyango, nawe bazakukukhiphela phandle.”


UJesu wazi ukuthi bebethanda ukumbuza, wathi kubo: “Niyabuzana ngalokho engikushiloyo ukuthi: ‘Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona kubuye kube yisikhashana ningibone,’ na?


Kepha bakhona abanye phakathi kwenu abangakholwa. Ngokuba uJesu wazi kwasekuqaleni ukuba ngobani abangakholwa nokuba ngubani ozakumkhaphela.”


Kepha uJesu azi phakathi kwakhe ukuthi abafundi bakhe bayakhonona ngalokho, wathi: “Lokhu kuyanicunula na?


Wathi kuye ngokwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuye: “Nkosi, wazi konke wena, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yipha izimvu zami.


Kepha uJesu ezazi izizindlo zabo waphendula, wathi kubo: “Nizindlani ezinhliziyweni zenu na?


Kepha yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Lethani kimi udenariyu,* ngimbone.”


UJesu ekwazi masinyane emoyeni wakhe ukuthi bazindla kanjalo phakathi kwabo, wathi kubo: “Nizindlelani ngalokhu ezinhliziyweni zenu na?


UJesu waphendula, wathi kuye: “Simoni, kukhona engifuna ukukukhuluma kuwe.” Wathi: “Khuluma-ke, Mfundisi.”


“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kuyakuthi ngalolo suku kuvele izinto enhliziyweni yakho, ucebe amacebo amabi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite