Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 9:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Esadlula lapho uJesu, izimpumputhe ezimbili zamlandela, zamemeza zathi: “Sihawukele, ndodana kaDavide!”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

27 Ngenkathi uJesu edlula lapho, walandelwa yizimpumputhe ezimbili ezazimemeza zithi: “Ndodana kaDavide, sihawukele!”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

27 UJesu esesukile lapho, izimpumputhe ezimbili zamlandela, zamemeza zathi: “Sihawukele, Ndodana kaDavide!

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 UJesu esesukile lapho, izimpumputhe ezimbili zamlandela, zamemeza zathi: “Sihawukele, Ndodana kaDavide!

Gade chapit la Kopi




Mathewu 9:27
24 Referans Kwoze  

Bheka, kwavela emikhawulweni yakhona owesifazane waseKhanani, wakhala wathi: “Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide! Indodakazi yami ikhwelwe kabi yidemoni.”


Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli;


wathi: “Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inesithuthwane, ihlupheka kabi, lokhu iwela kaningi emlilweni, kaningi emanzini.


Awushongo yini umbhalo ukuthi uKristu uvela enzalweni kaDavide naseBetlehema, emzaneni lapho wayekhona uDavide na?”


Ngalowo mzuzu yayiphulukisa abaningi ezifweni nasebuhlungwini nakomoya ababi; nezimpumputhe eziningi yazipha ukubona.


Ubusisiwe umbuso ozayo kababa uDavide. Hosiyana kweliphezulu!”


Uyiphonsile kaningi emlilweni nasemanzini ukuba ayibhubhise; kodwa uma unamandla okwenza utho, sihawukele, usisize.”


Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zamemeza zathi: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Hosiyana kweliphezulu!”


Incwadi yokuzalwa kukaJesu Kristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abrahama.


Kepha abapristi abakhulu nababhali, bebona izimangaliso azenzayo nabantwana bememeza ethempelini, bethi: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide,” bacasuka,


abangababo okhokho avela kubo uKristu ngokwenyama, yena onguNkulunkulu ophezu kwakho konke, obongekayo kuze kube phakade. Amen.


Wayesethi kubo: “Basho kanjani ukuthi uKristu uyindodana kaDavide na?


aphakamisa izwi, athi: “Jesu Nkosi, sihawukele!”


mayelana neNdodana yakhe eyavela enzalweni kaDavide ngokwenyama,


Esengenile endlini, izimpumputhe zeza kuye. UJesu wathi kuzo: “Niyakholwa yini ukuthi ngingakwenza lokhu na?” Zathi kuye: “Yebo, Nkosi.”


Sebephuma eJeriko, isixuku esikhulu samlandela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite