Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 9:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Khona kwase kufika kuye abafundi bakaJohane, bathi: “Yini ukuba thina nabaFarisi sizila ukudla; kepha abafundi bakho abazili ngani na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Khona kwafika kuJesu abafundi bakaJohane, bathi: “Kungani thina nabaFarisi sizila ukudla, kodwa abafundi bakho bengazili na?”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Khona beza kuye abafundi bakaJohane, bathi: “Kungani thina nabaFarisi sizila kaningi, kepha abafundi bakho abazili na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Khona beza kuye abafundi bakaJohane, bathi: “Kungani thina nabaFarisi sizila kaningi, kepha abafundi bakho abazili na?

Gade chapit la Kopi




Mathewu 9:14
10 Referans Kwoze  

Futhi nxa nizila ukudla, ninganyukumali njengabazenzisi; ngokuba bona banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.


Kwase kuvela ukuphikisana phakathi kwabafundi bakaJohane nabaJuda ngokuhlambulula.


Kwathi ukuba iNkosi yazi ukuthi abaFarisi bezwile ukuba uJesu wenza abafundi, ebhapathiza abaningi kunoJohane,


Kwathi-ke uJohane esetilongweni, ezwile ngemisebenzi kaKristu, wathumela ngabafundi bakhe,


Abantu abaningi bayamemezela, kube yilowo nalowo umusa wakhe, kepha ngubani ongafumana umuntu othembekileyo na?


UJesu wathi kubo: “Abayeni bangalila yini, umyeni enabo na? Kodwa kuzakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite