Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 9:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni ukuba ziphenduke.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Ngakho-ke hambani nifunde ukuthi kusho ukuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukuzobiza abalungileyo, kodwa izoni.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Kodwa hambani nifunde ukuthi kusho ukuthini ukuthi: ‘Ngithanda isihawu, hhayi umhlatshelo,’ ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kodwa hambani nifunde ukuthi kusho ukuthini ukuthi: ‘Ngithanda isihawu, hhayi umhlatshelo,’ ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 9:13
39 Referans Kwoze  

UJesu ekuzwa lokho wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa; kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni.”


Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa okulahlekileyo.”


Ngokuba ngifuna uthando, hhayi umhlatshelo; ngifuma ukumazi uNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa.


Kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.”


Kepha uma benazi ukuba kuyini lokhu ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo,’ nga ningabalahlanga laba abangenacala.


Ukwenza ukulunga nokwahlulela kukhethekile kuJehova kunemihlatshelo.


INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.


Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu,


Bathi ukuzwa lokho, bathula, badumisa uNkulunkulu, bathi: “Kanti uNkulunkulu unike nabezizwe ukuphendukela ekuphileni.”


“Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele!”


lowo uNkulunkulu wamphakamisa ngesokunene sakhe abe yiNkosi noMsindisi ukuba anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono.


kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema.


Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”


UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.


Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka.


ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu nokukholwa yiNkosi yethu uJesu.


UJesu wathi kubo: “Anizange nifunde yini emibhalweni ukuthi: “ ‘Itshe abalinqabayo abakhi lona laba yinhloko yegumbi; lona lavela eNkosini; liyisimangaliso emehlweni ethu,’ na?


Wathi kubo: “Anifundanga yini akwenzayo uDavide msukwana elambile kanye nababe naye


Kepha maqondana nabafileyo ukuthi bayavuswa anifundanga yini encwadini kaMose ngesihlahla ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuye, wathi: ‘NginguNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe,’ na?


UJesu wabaphendula wathi: “Akulotshiwe yini emthethweni wakini ukuthi: ‘Ngithe: Ningonkulunkulu,’ na?


Waphendula, wathi kubo: “Anifundanga yini ukuthi owadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane,


Futhi anifundanga yini emthethweni ukuthi ngesabatha abapristi bayalona isabatha ethempelini, bangabi nacala, na?


Wathi kuso: “Kulotshweni emthethweni? Ufunda kanjani?”


futhi ukuyithanda yona ngenhliziyo yonke, nangengqondo yonke, nangamandla onke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.”


Waphendula uJesu, wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite