Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 9:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ekuzwa lokhu wathi: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Kwathi lapho ekuzwa lokho, wathi: “Abaphilileyo abayidingi inyanga, kodwa ngabagulayo kuphela.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Kodwa uJesu ekuzwa wathi kubo: Abaphilileyo kabadingi melaphi, kodwa abagulayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kodwa uJesu ekuzwa wathi kubo: Abaphilileyo kabadingi melaphi, kodwa abagulayo.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 9:12
17 Referans Kwoze  

Waphendula uJesu, wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa.


Kepha izixuku sezazi zamlandela; wazithakazela, wakhuluma kuzo ngombuso kaNkulunkulu, wabaphulukisa abaswela ukuphulukiswa.


UJesu ekuzwa lokho wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa; kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni.”


“ ‘Bheka, ngiyakuwulethela impilo nokuphulukiswa, ngibelaphe, ngibambulele ukuthula nokulondeka okuningi.


Ngiphulukise, Jehova, ngiphuluke; ngisindise, ngisindiswe, ngokuba uludumo lwami.


Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo; izilonda zabo uyazibopha.


“Ngiyakuphulukisa ukuhlehla kwabo, ngibathande ngesihle, ngokuba intukuthelo yami ibuyile kubo.


Ngokuba ngiyakubuyisela ukuphila kuwe, ngelaphe izilonda zakho,’ usho uJehova, ‘ngokuba bakubize ngokuthi Oxoshiweyo neSiyoni elingafunwa muntu.’


Owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili, esekhokhele izinyanga konke abephila ngakho, engenakuphulukiswa muntu,


Mina ngithi: “Jehova, ngihawukele, uphulukise umphefumulo wami, ngokuba ngonile kuwe.”


Yiba nomusa kimi, Jehova, ngokuba ngidangele; ngiphilise, Jehova, ngokuba amathambo ami ayathuthumela,


Ibhalisamu* alikho kwaGileyadi na? Inyanga ayikho lapho na? Pho, ayipheleliswa ngani impilo yendodakazi yabantu bami na?


Uyakhonza kini uLuka inyanga ethandekayo, noDema.


Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukusindisa okulahlekileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite