Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 8:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJesu wayesethi kuye: “Bheka, ungatsheli muntu, kepha hamba uzibonakalise kumpristi, uyise umnikelo owayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 UJesu wayesethi kuye: “Qaphela, ungatsheli muntu, kepha hamba uyozibonakalisa kumphristi, unikele ngomnikelo owayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 UJesu wathi kuye: “Bheka, ungatsheli muntu; kepha hamba, uziveze kumpristi, unikele umnikelo uMose ayala ngawo, kube ngubufakazi kubo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJesu wathi kuye: “Bheka, ungatsheli muntu; kepha hamba, uziveze kumpristi, unikele umnikelo uMose ayala ngawo, kube ngubufakazi kubo.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 8:4
31 Referans Kwoze  

Kuthe ewabona, wathi kuwo: “Hambani, niyoziveza kubapristi.” Kwathi esahamba, ahlanjululwa.


Wamyala ukuba angatsheli muntu, wathi: “Kepha suka, uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho, njengalokho uMose akuyalayo, kube ngubufakazi kubo.”


Wabayala ukuba bangatsheli muntu. Kepha kwathi nakuba ebayala kakhulu, kwayikhona bekwandisa kakhulu impela.


Ayesevuleka amehlo azo. UJesu waziyalisisa, wathi: “Qaphelani ukuba kungaziwa muntu.”


Nayiphi indawo engayikunamukela, nalapho bengayikunizwa khona, anothi nimuka kuyo, nivuthulule uthuli oluphansi kwezinyawo zenu, kube ngubufakazi kubo.”


Wabayalisisa ukuba lokhu kungaziwa muntu; futhi wathi mayiphiwe ukudla.


Besehla entabeni, uJesu wabayala wathi: “Ningatsheli muntu lowo mbono, ize ivuke iNdodana yomuntu kwabafileyo.”


Niyakuyiswa nangaphambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe.


“Kepha qaphelani ningenzi ukulunga kwenu phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo, funa ningabi nawo umvuzo kuYihlo osezulwini.


“Ningathi ngize ukuchitha umthetho nabaprofethi; angizanga ukuchitha, ngize ukugcwalisa.


Kwaba kuhle kuJehova ngenxa yokulunga kwakhe ukuba akhulise umthetho, awudumise.


Mina-ke angifuni olwami udumo; ukhona ofunayo nowahlulelayo.


Okhuluma ngokwakhe ufuna udumo lwakhe; kepha ofuna udumo lomthumileyo lowo uqinisile; akukho ukungalungi kuye.


“Mina angamukeli udumo kubantu.


Kuyakunehlela kube ngubufakazi.


Wabayalisisa ukuba bangatsheli muntu ngaye.


Khona wabayala abafundi ukuba bangatsheli muntu ukuthi nguye onguKristu.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Vuma kalokhu, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke.” Khona wayesemvumela.


“Kepha ziqapheleni nina. Bayakunikhaphela emiphakathini; niyakushaywa emasinagogeni;* niyakumiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo.


uma ibala liluhlazana noma libomvana engutsheni noma esikhumbeni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo noma entweni yesikhumba, kuyisifo sochoko, siyakuboniswa umpristi.


Wabayalisisa ukuba bangamzwakalisi.


Besehla entabeni, wabayala ukuba bangatsheli muntu abakubonileyo, iNdodana yomuntu ingakavuki kwabafileyo.


Kwaphuma namademoni kwabaningi ememeza ethi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” Kepha wawakhuza, kawavumelanga ukuba akhulume, ngokuba ayemazi ukuthi unguKristu.


Abazali bayo bethuka; wabayala ukuba bangatsheli muntu okwenzekileyo.


Wabayala, wagcizelela ukuba bangatsheli muntu lokho,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite