Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 8:34 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Bheka, umuzi wonke waphuma ukuyomhlangabeza uJesu; bathe bembona, bamncenga ukuba amuke emikhawulweni yelakubo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

34 Umuzi wonke waphuma ukuyobona uJesu; kwathi lapho bembona, bamncenga ukuba aphume aphele emingceleni yakwelakubo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

34 Bheka, umuzi wonke waphuma ukumhlangabeza uJesu; bathi bembona, bamncenga ukuba amuke emikhawulweni yabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Bheka, umuzi wonke waphuma ukumhlangabeza uJesu; bathi bembona, bamncenga ukuba amuke emikhawulweni yabo.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 8:34
13 Referans Kwoze  

zeza zabancenga; sezibakhiphile zabanxusa ukuba bamuke emzini.


Kuthe uSimoni Petru ekubona lokho, waziphonsa phansi ngasemadolweni kaJesu, wathi: “Suka kimi, Nkosi, ngokuba ngingumuntu oyisoni.”


Nokho bathi kuNkulunkulu: ‘Suka kithi, asifuni ukwazi izindlela zakho.


nezathi kuNkulunkulu: ‘Suka kithina, ngokuba uSomandla ubeyakwenzani kubo na?’


Wayesethi ku-Eliya: “Nginamsebenzi muni nawe muntu kaNkulunkulu na? Uze kimi ukuba kukhumbuleke isono sami nokuba kubulawe indodana yami.”


Isimbona uJesu yadazuluka, yawa phansi phambi kwakhe, yathi ngezwi elikhulu: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngiyakuncenga, ungangihluphi.”


Bheka, bamemeza bathi: “Sinamsebenzi muni nawe Ndodana kaNkulunkulu? Uze lapha ukusizwisa ubuhlungu, kungakabi yiso isikhathi, na?”


Kwathi u-Ahabi esembonile u-Eliya, u-Ahabi wathi kuye: “Nguwe ongumhluphi wakwa-Israyeli na?”


USamuweli wenza lokho akushoyo uJehova, waya eBetlehema. Amalunga omuzi amhlangabeza ethuthumela, athi: “Ukufika kwakho kunokuthula na?”


Ngalokho siyakufelani na? Ngokuba lo mlilo omkhulu uyakusiqeda; uma silizwa futhi izwi likaJehova uNkulunkulu wethu, siyakufa.


U-Amasiya wayesethi ku-Amose: “Wena mboni, hamba, ubalekele ezweni lakwaJuda, udle khona isinkwa, uprofethe khona;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite