Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 7:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 “Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 “Ngakho-ke yilowo nalowo owezwayo lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo, eyakha indlu yayo phezu kwedwala.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Ngakho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Ngakho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala;

Gade chapit la Kopi




Mathewu 7:24
41 Referans Kwoze  

Uma nazi lokho, nibusisiwe uma nikwenza.


Kepha yena wathi: “Yebo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”


Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi yena, uma sigcina imiyalo yakhe.


Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; banengqondo enhle bonke abakwenzayo. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.


Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakwamukela imiyalo, kepha isiwula esiphoshozayo siyakuwiswa.


“Uma ningithanda, niyakugcina imiyalo yami.


Ningabahlobo bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho.


Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi lokhu kungukuhlakanipha; ukusuka ebubini kungukuqonda.’ ”


Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokho mina ngigcinile imiyalo kaBaba ngihlala othandweni lwakhe.


Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”


Ngiyaqonda kunabo bonke abangifundisayo, ngokuba ngizindla ngobufakazi bakho.


Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa, yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi.


Ukuhlakanipha koqondileyo kungukuqonda indlela yakhe, kepha ubuwula beziwula buyinkohliso.


Lapho sidlula isivunguvungu, akasekho omubi, kepha olungileyo uyisisekelo esingunaphakade.


Ababi bayachithwa, bangabikho, kepha indlu yabalungileyo iyakuma.


Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya leyo ndlu; kepha kayiwanga, ngokuba yayisekelwe yidwala.


Kodwa yilowo owezwa lawa mazwi ami, angawenzi, uyakufaniswa nendoda eyisiwula eyakha indlu yayo phezu kwesihlabathi.


Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPetru; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese* awayikulahlula.


“Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo neqondayo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi sakho na?


Kepha eziyisihlanu kuzo zaziyiziwula, neziyisihlanu zazihlakaniphile.


Kodwa ezihlakaniphileyo zaphatha amafutha ezitsheni kanye nezibani zazo.


“Kepha ezihlakaniphileyo zaphendula zathi: ‘Qha, funa angasaneli thina nani. Okungcono hambani niye kwabathengisayo, nizithengele.’


ngokuba akusibo abezwayo umthetho abangabalungile phambi kukaNkulunkulu, kepha abenzayo umthetho yibona abayakulungisiswa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite