Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 7:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Kepha isango lincane nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Kepha isango lincane nendlela ingumngcingo eholela ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Ngokuba isango lincane, nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni, bambalwa abayitholayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngokuba isango lincane, nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni, bambalwa abayitholayo.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 7:14
27 Referans Kwoze  

“Ngokuba baningi ababiziweyo, kepha bayingcosana abakhethiweyo.”


ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.


Kuyakuba khona umendo nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele; ongcolileyo akayikuhamba ngayo, kepha iyakuba ngeyabantu bakhe; abahamba ngayo, noma beyiziwula, abayikuduka kuyo.


Wayesebiza isixuku nabafundi bakhe, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.


baqinisa imiphefumulo yabafundi bebaluleka ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”


Ngiyahamba endleleni yokulunga, phakathi kwemikhondo yokwahlulela,


nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo,” noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.


“Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.”


“Kanjalo abokugcina bayakuba ngabokuqala, nabokuqala babe ngabokugcina.”


Usho kanje uJehova, uthi: “Yimani ezindleleni, nibone, nibuze imikhondo yasendulo ukuthi iphi indlela enhle, nihambe ngayo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu; kepha bathi: ‘Asiyikuhamba ngayo.’


“Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso.


Kuyakuthiwa: “Hlelani, hlelani, nilungise indlela, nisisuse isikhubekiso endleleni yabantu bami.”


Ngani na? Ngokuba akubanga ngokukholwa kodwa kungathi ngemisebenzi; baqhuzuka etsheni lokuqhuzula,


Bayakunikhipha emasinagogeni,* yebo, siyeza isikhathi sokuba lowo onibulalayo uyakuthi ukhonza uNkulunkulu.


Uyakungazisa indlela yokuphila; ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho; intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.


“Ngenani ngesango elincane; ngokuba isango libanzi nendlela inkulu eyisa ekubhujisweni; baningi abangena khona.


“Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite