Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 6:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Ngakho-ke anokhuleka kanje: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Ngakho anokhuleka kanje: Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngakho anokhuleka kanje: Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 6:9
43 Referans Kwoze  

“Ufanele wena Nkosi yethu noNkulunkulu wethu ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba nguwena owadala izinto zonke, nangenxa yentando yakho zaba khona, zadalwa.”


Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Aba, Baba!”


Ngiyakulingcwelisa igama lami elikhulu elihlanjalaziwe phakathi kwezizwe, enilihlambalazile phakathi kwazo, izizwe zazi ukuthi nginguJehova, isho iNkosi uJehova, lapho ngiyakungcweliseka ngani emehlweni abo.


Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo igama lami likhulu phakathi kwezizwe; ezindaweni zonke igama lami lishiselwa impepho kanye neminikelo ehlambulukileyo, ngokuba igama lami likhulu phakathi kwezizwe,” usho uJehova Sebawoti.


Wabathumela abantu bakhe ukukhululwa; uyalezile isivumelwano sakhe kuze kube phakade; lingcwele, liyesabeka igama lakhe.


Kepha manje, Jehova, unguBaba; thina siyibumba, wena ungumbumbi wethu, singumsebenzi wesandla sakho sonke.


Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.


Lokhu ningamadodana, uNkulunkulu uthumile uMoya weNdodana yakhe ezinhliziyweni zenu omemeza ethi: “Aba, Baba!”


Elinye lamemeza kwelinye, lathi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova Sebawoti, wonke umhlaba ugcwele inkazimulo yakhe.”


zithi ngezwi elikhulu: “Lifanele iWundlu elahlatshwayo ukwamukela amandla nengcebo, nokuhlakanipha, nokunqoba, nodumo, nenkazimulo, nesibusiso.”


Kepha uNkulunkulu wethu usezulwini; wenza konke akuthandayo.


AmaLevi oJeshuwa, noKadimiyeli, noBani, noHashabineya, noSherebiya, noHodiya, noShebaniya, noPhethahiya athi: “Sukumani nimbonge uJehova uNkulunkulu wenu kusukela phakade kuze kube phakade. “Malibongwe igama lakho elikhazimulayo, eliphakanyisiwe ngaphezu kwakho konke ukubonga nokudumisa.


Ngakho-ke uma nina enibabi nazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu uYihlo osezulwini uzakubapha okuhle abacela kuye.


Ngokuba wena unguBaba; ngokuba u-Abrahama akasazi, no-Israyeli akasivumi. Wena Jehova unguBaba; igama lakho linguMhlengi wethu waphakade.


Makabongwe uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli, onguye yedwa owenza izimangaliso.


Kepha ngithi kini: Kusukela manje angisayikuphuza kulesi sithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo nani sisisha embusweni kaBaba.”


Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo; ngokuba munye uyihlo, osezulwini.


Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.


wathi: “Jehova Nkulunkulu wawobaba, wena awusiye uNkulunkulu ezulwini, awusiye umbusi wemibuso yonke yabezizwe, na? Esandleni sakho kukhona amandla negunya, akakho ongamelana nawe.


Ngiyakusuka, ngiye kubaba, ngithi: Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho;


UJehova uyakuba yiNkosi emhlabeni wonke; ngalolo suku uJehova uyakuba munye, negama lakhe libe linye.


mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, wenze njengakho konke lo wezizwe akhala ngakho kuwe, ukuze bonke abantu bomhlaba bazi igama lakho, bakwesabe wena njengabantu bakho u-Israyeli nokuze bazi ukuthi le ndlu engiyakhileyo ibiziwe ngegama lakho.


Ngokuba umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaJehova, njengamanzi asibekela ulwandle.


Ngiyakuzenza mkhulu, ngizingcwelise, ngizazise emehlweni ezizwe eziningi, zazi ukuthi nginguJehova.’


Maliqiniseke, libe likhulu igama lakho kuze kube phakade, ukuze kuthiwe: ‘UJehova Sebawoti unguNkulunkulu ka-Israyeli, yebo, uNkulunkulu ka-Israyeli,’ nendlu kaDavide inceku yakho iqinisiwe phambi kwakho.


Malibe likhulu igama lakho kuze kube phakade ukuze kuthiwe: ‘UJehova Sebawoti unguNkulunkulu ka-Israyeli,’ indlu yenceku yakho uDavide imiswe ngaphambi kwakho.


Uma nimbiza ngokuthi Baba yena owahlulela yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi buso, anohamba ngokwesaba esikhathini sokuhlala kwenu ebufokazini,


yena yedwa onokungafi, ehlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho, ongazange abonwe muntu, nongebonwe; makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.


“Indodana yayisithi kuye: ‘Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho; angisafanele ukuthiwa indodana yakho.’


“Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”


Usho kanje uJehova, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iphi leyo ndlu ebeniyakungakhela yona, iphi indawo yami yokuphumula, na?


“Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani.


Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.


Ngakho-ke manibe ngabapheleleyo, njengokuba uYihlo wasezulwini ephelele.


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho uJehova akukhuluma, ethi: “ ‘Kubo abaseduze nami ngiyakungcweliswa, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.


UPawulu, umphostoli ongaveli kubantu noma ngomuntu, kodwa ngoJesu Kristu noNkulunkulu uYise owamvusa kwabafileyo,


UJesu wathi kuye: “Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba. Kepha yana kubazalwane bami, ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.”


Wabuye waya ngokwesibili, wakhuleka wathi: “Baba, uma lesi sitsha singedlule kimi ngingasiphuzanga, mayenziwe intando yakho.”


Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, sisindise esandleni sakhe ukuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena unguJehova, wena wedwa.”


kubo bonke abathandiweyo bakaNkulunkulu abaseRoma, ababiziweyo, abangcwele: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.


Akuthengwa yini imizwilili emibili ngendibilishi na? Kepha akuyikuwa phansi namunye kuyo ngaphandle kukaYihlo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite