Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 6:34 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso iyakukhathalela okwayo. Inkathazo yosuku yanele lona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

34 Ngakho-ke ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso liyakukhathalela okwalo. Inkathazo yosuku yanele lona.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

34 Ngakho-ke ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ikusasa liyazihlupha ngokwalo. Banele usuku ububi balo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Ngakho-ke ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ikusasa liyazihlupha ngokwalo. Banele usuku ububi balo.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 6:34
20 Referans Kwoze  

“Ngalokho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na?


Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.


“Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.”


usiphe isinkwa sethu sezinsuku zonke imihla ngemihla;


Busha ekuseni njalo; ukuthembeka kwakho kukhulu.


usiphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla;


baqinisa imiphefumulo yabafundi bebaluleka ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”


Imigoqo yakho iyakuba ngeyensimbi neyethusi, nanjengezinsuku zakho oba njalo amandla akho.


Ngumuphi kini ongelekela ebudeni bakhe ingalo ibe nye ngokukhathazeka na?


Kepha iNkosi yamphendula yathi: “Marta, Marta, unakekela, ukhathazeka ngezinto eziningi.


“Kepha nxa beniqhubela emasinagogeni,* nakubabusi, nakuzo iziphathimandla, ningakhathazeki ngokuthi niyakuziphendulela kanjani nangokuthini, nokuba niyakukhulumani,


Wayesethi kubafundi bakhe: “Ngakho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani.


Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.


niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite