Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 6:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 “Nikhathazekelani ngesambatho na? Qaphelani iminduze yasendle ukuthi imila kanjani; kayikhandleki, kayiphothi;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

28 “Kungani nikhathazeka ngokokwembatha na? Qaphelani iminduze yasendle ukuthi imila kanjani; kayikhandleki, kayiphothi,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

28 Nizikhathazelani ngesambatho na? Cabangani ngeminduze yasendle, ukuthi imila kanjani; azikhandleki, aziphothi;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Nizikhathazelani ngesambatho na? Cabangani ngeminduze yasendle, ukuthi imila kanjani; azikhandleki, aziphothi;

Gade chapit la Kopi




Mathewu 6:28
13 Referans Kwoze  

“Ngalokho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na?


Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.


“Bhekani iminduze ukuthi imila kanjani; ayiphothi, ayaluki, kepha ngithi kini noSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo.


Ngakho-ke ningakhathazeki nithi: ‘Siyakudlani?’ noma: ‘Siyakuphuzani?’ noma: ‘Siyakwembathani na?’


Waphendula, wathi kubo: “Onezingubo ezimbili akamuphe ongenayo; naye onokudla enze njalo.”


nasikhwama sendlela, namabhantshi amabili, nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso.


Ngiyakuba njengamazolo ku-Israyeli; uyakukhahlela njengomnduze, enabise izimpande zakhe njengeLebanoni.


Ngumuphi kini ongelekela ebudeni bakhe ingalo ibe nye ngokukhathazeka na?


Kepha iNkosi yamphendula yathi: “Marta, Marta, unakekela, ukhathazeka ngezinto eziningi.


“Kepha nxa beniqhubela emasinagogeni,* nakubabusi, nakuzo iziphathimandla, ningakhathazeki ngokuthi niyakuziphendulela kanjani nangokuthini, nokuba niyakukhulumani,


Wayesethi kubafundi bakhe: “Ngakho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani.


niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite