Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 6:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Ngumuphi kini ongelekela ebudeni bakhe ingalo ibe nye ngokukhathazeka na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

27 Ngubani phakathi kwenu okuthi ngokuzikhathaza kwakhe athasisele umzuzwana ebudeni bempilo yakhe na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

27 Ngumuphi kini ongathi ngokukhathazeka anezele ingalo eyodwa ebukhulwini bakhe na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Ngumuphi kini ongathi ngokukhathazeka anezele ingalo eyodwa ebukhulwini bakhe na?

Gade chapit la Kopi




Mathewu 6:27
14 Referans Kwoze  

Ngiyazi ukuthi konke akwenzayo uNkulunkulu kuyakuba khona kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kukho, futhi akukho okungasuswa kukho. UNkulunkulu ukwenzile ukuba abantu besabe phambi kwakhe.


Ungafungi nekhanda lakho, ngokuba awunakuphendula nalunye unwele lube mhlophe nokuba lube mnyama.


Kepha kalokhu uNkulunkulu umisile izitho zonke, yileso naleso emzimbeni ngokuthanda kwakhe.


“Ngalokho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na?


“Nikhathazekelani ngesambatho na? Qaphelani iminduze yasendle ukuthi imila kanjani; kayikhandleki, kayiphothi;


Ngakho-ke ningakhathazeki nithi: ‘Siyakudlani?’ noma: ‘Siyakuphuzani?’ noma: ‘Siyakwembathani na?’


Ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso iyakukhathalela okwayo. Inkathazo yosuku yanele lona.


Kepha iNkosi yamphendula yathi: “Marta, Marta, unakekela, ukhathazeka ngezinto eziningi.


“Kepha nxa beniqhubela emasinagogeni,* nakubabusi, nakuzo iziphathimandla, ningakhathazeki ngokuthi niyakuziphendulela kanjani nangokuthini, nokuba niyakukhulumani,


Wayesethi kubafundi bakhe: “Ngakho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani.


Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.


niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite