Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 6:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Kepha uma iso lakho lilibi, uzakuba mnyama umzimba wakho wonke. Ngakho uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama, ubumnyama bukhulu kangakanani!

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Kepha uma iso lakho lilibi, umzimba wakho wonke uzakuba mnyama. Ngakho-ke uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama, bukhulu kangakanani ubumnyama!

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 Kepha uma iso lakho lilibi, umzimba wakho wonke uyakuba mnyama. Ngakho uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama, bukhulu kangakanani lobo bumnyama!

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Kepha uma iso lakho lilibi, umzimba wakho wonke uyakuba mnyama. Ngakho uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama, bukhulu kangakanani lobo bumnyama!

Gade chapit la Kopi




Mathewu 6:23
22 Referans Kwoze  

kepha ozonda umzalwane wakhe usebumnyameni, uhamba ebumnyameni, akazi lapho eya khona, ngokuba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe.


“Isibani somzimba yiso. Ngakho uma iso lakho lilihle, uzakukhanya umzimba wakho wonke.


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bahlakaniphele ukwenza okubi, kepha ukwenza okuhle kabakwazi.”


Uyabona umuntu ohlakaniphile emehlweni akhe na? Kukhona ithemba ngesiwula kunaye.


behlwelwe emqondweni, behlukanisiwe nokuphila kukaNkulunkulu ngokungazi okukubo ngenxa yobulukhuni benhliziyo yabo,


Umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye; angekuqonde, ngokuba kubonisiswa ngokomoya.


Bezisho ukuthi bahlakaniphile baba yiziwula,


Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya,


Wathi-ke: “Niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kepha abanye bakuphiwa ngemifanekiso ukuba bebona bangaboni, bezwa bangaqondi.


Emthethweni-ke nasebufakazini! Impela leli zwi abalikhulumayo alinakho ukusa.


Angivunyelwe ukwenza engikuthandayo ngokungokwami na? Kumbe iso lakho libi, ngokuba mina ngimuhle na?’


nokuphinga, nokufisa, nokushinga, nenkohliso, nokungabi nanhloni, neso elibi, nokuhlambalaza, nokuzidla, nobuwula.


Isibani somzimba siyiso lakho; nxa iso lakho liphilile, umzimba wakho wonke ungukukhanya; kepha nxa lilibi, umzimba wakho ungubumnyama.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite