Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 5:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Babusisiwe abakhalayo, ngokuba bayakududuzwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Babusisiwe abakhalayo, ngokuba bayakududuzwa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Babusisiwe abalilayo, ngokuba bayakududuzwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Babusisiwe abalilayo, ngokuba bayakududuzwa.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 5:4
34 Referans Kwoze  

azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”


Ngizibonile izindlela zakhe, ngiyakumphilisa; ngiyakumhola, ngimduduze yena nabamlilelayo,


Nibusisiwe nina balambileyo kalokhu, ngokuba niyakusuthiswa. Nibusisiwe nina bakhalayo kalokhu, ngokuba niyakuhleka.


Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.


Uyakugwinya ukufa kuze kube phakade; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke, isuse amahloni abantu bakhe emhlabeni wonke, ngokuba uJehova ukhulumile.


“Thokozani kanye neJerusalema, nilethabele nina nonke enilithandayo; jabulani ngenjabulo kanye nalo nina nonke enilililelayo,


UJehova wathi kuyo: “Dabula emzini, phakathi kweJerusalema, ubeke uphawu emabunzini abantu ababubula bekhala ngazo zonke izinengiso ezenziwa phakathi kwalo.”


Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya baye eSiyoni ngokwethaba, intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo; bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.


Ngokuba wena sizwe esakhe eSiyoni eJerusalema ungabe usakhala nokukhala; uyakuba nomusa impela kuwe ngezwi lokudazuluka kwakho; lapho elizwa, uyakuphendula.


“Kepha u-Abrahama wathi: ‘Ndodana, khumbula ukuba wamukela okuhle kwakho usesekuphileni noLazaru kanjalo okubi; kodwa manje uyaduduzwa yena lapha, wena uyahlushwa.


Abaphunyukileyo babo bayakuphunyuka, babe sezintabeni njengamajuba asezigodini, bakhale bonke, kube yilowo nalowo ngezono zakhe.


Maye kinina basuthiyo kalokhu, ngokuba niyakulamba! Maye kinina bahlekayo kalokhu, ngokuba niyakulila, nikhale!


Uyakusho ngalolo suku ukuthi: “Ngiyakubonga, Jehova, ngokuba wangithukuthelela, kepha intukuthelo yakho isibuyile, uyangiduduza.


Kepha wathi kowesifazane: “Ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba, ube nokuthula.”


wema emuva ngasezinyaweni zakhe ekhala, waqala ukumatisa izinyawo zakhe ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zekhanda lakhe, wazanga izinyawo zakhe, wazigcoba ngamafutha.


“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa, bambheke abamgwazileyo, bamlilele njengokulilela ozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye njengonomunyu ngezibulo lakhe.


Zonke lezi zinto zenziwe yisandla sami, kwavela kanjalo konke lokhu,” usho uJehova. “Kepha yilowo engiyakubheka kuye: ohluphekayo nonomoya ochobozekileyo, othuthumela ngezwi lami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite