Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 5:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Kanjalo, makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuba babone imisebenzi yenu emihle, bamdumise uYihlo osezulwini.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 5:16
42 Referans Kwoze  

nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, ngokubona imisebenzi yenu emihle badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.


uzibonakalise kukho konke ube yisibonelo semisebenzi emihle, nasekufundiseni kwakho ubonakalise ukungonakali, ube nesizotha,


UBaba uyakhazimuliswa ngalokhu ukuba nithele izithelo eziningi, nibe ngabafundi bami.


Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya,


kodwa kube ngobumnene nangokwesaba, nibe nonembeza omuhle, ukuze kuthi kulokho abanihleba ngakho bajabhiswe labo abathuka ukuhamba kwenu okuhle kuKristu.


Uma nithukwa ngenxa yegama likaKristu, nibusisiwe, ngokuba uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhlezi phezu kwenu.


kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;


Khona ukukhanya kwakho kuyakuqhamuka njengokusa, nokuphuluka kwakho kuyakuvela masinyane, ukulunga kwakho kuhambe phambi kwakho, inkazimulo kaJehova ibe semva kwakho.


Nabakithi mabafunde ukukhuthalela imisebenzi emihle njengokuswelekileyo, ukuze bangabi ngabangenazithelo.


benze okuhle, bacebe ngemisebenzi emihle, baphane, babelane,


lokhu ngokuvivinyeka kwale nkonzo badumisa uNkulunkulu ngenxa yokulalela kokuvuma kwenu ivangeli likaKristu nangenxa yobuqotho bobudlelwane benu nabo, yebo, nabo bonke,


Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.


masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle,


Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube semini.


uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu; uma umuntu ekhonza, makakhonze ngamandla awanikwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu adunyiswe kukho konke ngoJesu Kristu okukuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


siniyala, sinimisa isibindi, sifakazela ukuba nihambe ngokufaneleyo phambi kukaNkulunkulu onibizela embusweni nasebukhosini bakhe.


Kanjalo, bafazi, thobelani amadoda enu, ukuze kuthi, uma ekhona ongakholwa yizwi, azuzwe ngaphandle kwezwi ngenkambo yabafazi bawo,


EJopha kwakukhona umfundikazi othile ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uDorka ngokuhunyushwa; yena wayenemisebenzi eminingi emihle nokwabela abampofu izipho.


Ngokunjalo nemisebenzi emihle isobala; naleyo engenjalo ingesitheke.


ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.


ebongwa ngemisebenzi emihle, uma ondlile abantwana, uma engenisile izihambi, uma egezile izinyawo zabangcwele, uma esizile abahluphekayo, uma ekhuthalele umsebenzi wonke omuhle.


kepha njengokufanele abesifazane abashoyo ukuthi besaba uNkulunkulu bahlobe ngemisebenzi emihle.


Ayesedumisa uNkulunkulu ngami.


ngenze ukuba abalilayo eSiyoni baphiwe amaqhele esikhundleni somlotha, amafutha enjabulo esikhundleni sokulila, ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo, ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulunga nokutshaliwe nguJehova ukuba adunyiswe.


Kepha lapho sekubonakalisiwe ububele bukaNkulunkulu uMsindisi wethu nothando lwakhe kubantu,


okufihliweyo kwenhliziyo yakhe kuyadalulwa; njalo uyakuwa ngobuso, akhuleke kuNkulunkulu, aqinise athi: “Impela uNkulunkulu ukhona phakathi kwenu.”


Wayesethi kubo: “Nxa nikhuleka, anothi: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini;


Kepha izixuku zikubona zethuka, zamdumisa uNkulunkulu onikile abantu amandla anjalo.


“Kepha imisebenzi yonke yabo bayenza ukuba babonwe ngabantu; amafilakteriyu* abo bawenza abe banzi, bawenze abe makhulu amachopho.


Futhi nxa nizila ukudla, ninganyukumali njengabazenzisi; ngokuba bona banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.


Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo; ngokuba munye uyihlo, osezulwini.


Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho;


Abantwana bakwa-Israyeli babubona ubuso bukaMose ukuthi isikhumba sobuso bukaMose sasikhazimula; uMose wayesebuye walifaka iveli ebusweni bakhe waze wangena ukuyokhuluma naye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite