Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 4:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Khona uSathane wamthatha, wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 USathane wamthatha, wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 USathane wayesemthatha wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 USathane wayesemthatha wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 4:5
11 Referans Kwoze  

Wayesemholela eJerusalema, wammisa esiqongweni sethempeli, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi lapha,


Kepha igceke elingaphandle kwethempeli ulishiye ngaphandle, ungalilinganisi, ngokuba linikwe izizwe, nomuzi ongcwele ziyakuwunyathela phansi izinyanga ezingamashumi amane nambili.


baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe, bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi.


Ngokuba bazibiza ngomuzi ongcwele, bencika kuNkulunkulu ka-Israyeli, nguJehova Sebawoti igama lakhe.


UJesu waphendula wathi: “Ngabe awunamandla neze phezu kwami, ukuba awuwanikwanga ngaphezulu. Ngalokho-ke onginikele kuwe unesono esikhulu.”


“Amasonto angamashumi ayisikhombisa anqunyelwe abantu bakho nomuzi wakho ongcwele ukuqeda iziphambeko, nokukhawula izono, nokwenza ukubuyisana ngobubi, nokungenisa ukulunga okuphakade, nokunamathelisa umbono nesiprofetho, nokugcoba indlu engcwelengcwele.


Nkosi, ngakho konke ukulunga kwakho mawubuyise intukuthelo yakho nokufutheka kwakho emzini waseJerusalema, intaba yakho engcwele, ngokuba ngenxa yezono zethu nangobubi bawobaba iJerusalema nabantu bakho sebe yihlazo kubo bonke abasizungezayo.


Vuka, vuka, wembathe amandla akho, Siyoni, uzigqoke izingubo zakho ezinhle, Jerusalema, muzi ongcwele, ngokuba akusayikungena kuwe ongasokile nongcolileyo.


Onke amaLevi emzini ongcwele ayengamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nane.


Izinduna zabantu zahlala eJerusalema; abantu abaseleyo benza inkatho ukuyisa omunye kwabayishumi njalo ukuba ahlale eJerusalema, umuzi ongcwele, nabayisishiyagalolunye kweminye imizi.


Umpheme owawuphambi kwendlu ende malungana nobubanzi bendlu wawuyizingalo ezingamashumi amabili, nokuphakama kwakuyikhulu namashumi amabili; wawunameka phakathi ngegolide elicwengekileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite