Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 3:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 babhapathizwa nguye emfuleni iJordani bevuma izono zabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 babhabhadiswa nguye emfuleni iJordani, bevuma izono zabo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 babhapathizwa nguye eJordani, bevuma izono zabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Babhapathizwa nguye eJordani, bevuma izono zabo.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 3:6
35 Referans Kwoze  

nabaningi kwabakholwayo beza bazivuma, bazibika izenzo zabo.


Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.


kodwa yona kanye nokudla nokuphuza nokugeza okuyizinhlobonhlobo iyizimiso zenyama kuphela ezibekiweyo, kuze kufike isikhathi sokupheleliswa kwezinto.


“Mina nginibhapathiza ngamanzi, kube ngukuphenduka; kepha yena oza emva kwami unamandla kunami engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo,


nesifundiso sombhapathizo nokubeka izandla, nokuvuka kwabafileyo nokwahlulelwa okuphakade.


nimbelwe kanye naye ngombhapathizo, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokukholwa ngamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.


bonke baphapathizwa kuMose efwini naselwandle;


Manje-ke ulibalelani na? Sukuma, ubhapathizwe, uhlambulule izono zakho ngokukhuleka egameni lakhe.’


Ngalikhumbula-ke izwi leNkosi, njengalokho yathi: ‘UJohane wabhapathiza ngamanzi, kodwa nina nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele.’


Ngokuba uJohane wayebhapathiza ngamanzi, kepha nina nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele kungakadluli izinsuku eziningi.”


uJohane waphendula, wathi kubo bonke: “Mina kambe nginibhapathiza ngamanzi, kepha uyeza onamandla kunami engingafanele ukuthukulula umchilo wezicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo;


Kwaphumela kuye izwe lonke laseJudiya nabo bonke abaseJerusalema, babhapathizwa nguye emfuleni iJordani, bevuma izono zabo.


Ngakhuleka kuJehova uNkulunkulu wami, ngavuma ngathi: “O Nkosi, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe,


Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlambulukileyo, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.


Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.


Ngasivuma isono sami kuwe, angisifihlanga isiphambeko sami; ngathi: “Ngizakuzivuma izono zami kuJehova,” wena wathethelela icala lesono sami. Sela*


UJoshuwa wayesethi ku-Akani: “Ndodana yami, ake umnike uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli inkazimulo, uvume kuye, ungitshele okwenzileyo, ungangifihleli.”


uyakuvuma isono sakhe asenzileyo, alikhokhe icala lakhe ngokupheleleyo, athasisele kukho okwesihlanu, akunike lowo abenecala kuye.


“ ‘Bayakuvuma ububi babo nobubi bawoyise ngeziphambeko zabo abaphambeka ngazo kimi, nokuthi njengokuba bahamba bephambene nami,


u-Aroni abeke izandla zakhe zombili enhloko yempongo ezwayo, avume phezu kwayo bonke ububi babantwana bakwa-Israyeli neziphambeko ezonweni zabo zonke, akubeke enhloko yempongo, ayithume ngesandla somuntu olungiselwe lokhu, iye ehlane,


enisindiswa ngawo manje nani ngokomfanekiso, okungukuthi ngombhapathizo, kungesikho ukususa insila yenyama kepha ukucela kuNkulunkulu unembeza omuhle, ngokuvuka kukaJesu Kristu


Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.


U-Ezra esakhuleka, evuma izono ngokukhala, eziwise phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, kwabuthana kuye kuvela ku-Israyeli ibandla elikhulu kakhulu labesilisa nabesifazane nabantwana, ngokuba abantu bakhala ngokukhala okukhulu.


Abaningi kubantwana bakwa-Israyeli uyakubaphendulela eNkosini uNkulunkulu wabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite