Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 3:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “Mina nginibhapathiza ngamanzi, kube ngukuphenduka; kepha yena oza emva kwami unamandla kunami engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 “Mina nginibhabhadisa ngamanzi, kube ngukuphenduka. Kepha oza emva kwami, unamandla kunami, engingafanele ukuthukulula izicathulo zakhe. Uzakunibhabhadisa ngoMoya oNgcwele nangomlilo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Mina nginibhapathiza ngamanzi kukho ukuphenduka; kepha ozayo emva kwami unamandla kunami, engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Mina nginibhapathiza ngamanzi kukho ukuphenduka; kepha ozayo emva kwami unamandla kunami, engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe;

Gade chapit la Kopi




Mathewu 3:11
29 Referans Kwoze  

uJohane waphendula, wathi kubo bonke: “Mina kambe nginibhapathiza ngamanzi, kepha uyeza onamandla kunami engingafanele ukuthukulula umchilo wezicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo;


lapho iNkosi igezile insila yamadodakazi aseJerusalema, nalapho isihlanzile igazi laseJerusalema phakathi kwalo ngomoya wokwahlulela nangomoya wokushisa.


Ngokuba uJohane wayebhapathiza ngamanzi, kepha nina nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele kungakadluli izinsuku eziningi.”


Ngiyakungenisa inxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide; bayakubiza igama lami, ngibaphendule, ngithi: ‘Bangabantu bami;’ base bethi: ‘UJehova unguNkulunkulu wami.’ ”


wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele,


Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; thina sonke saphuziswa Moya munye.


babhapathizwa nguye emfuleni iJordani bevuma izono zabo.


UPawulu wayesethi: “UJohane wabhapathiza umbhapathizo wokuphenduka, ethi kubantu mabakholwe nguyena obezakuza emva kwakhe, kungukuthi uJesu.”


Uyakuhamba ngaphambi kwayo emoyeni nasemandleni ka-Eliya ukuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana nabangalaleliyo ekuqondeni kwabalungileyo, ukulungisela iNkosi isizwe esilungiselweyo.”


Nguye ebengisho ngaye, ngithi: ‘Emva kwami kuza umuntu owavela ngaphambi kwami, ngokuba wayekhona kuqala kunami.’


kwavela uJohane ebhapathiza ehlane, eshumayela umbhapathizo wokuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono.


Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele ngaphiwa lowo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKristu engaphenyekiyo


Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kokomileyo, nezikhukhula phezu kokushileyo, ngithulule uMoya wami phezu kwenzalo yakho, nesibusiso sami phezu kwabantwana bakho;


Ngokunjalo, nina basha, thobelani amalunga; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.


UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Nguyena lo ebengisho ngaye ukuthi: ‘Lowo ozayo emva kwami uvelile ngaphambi kwami, ngokuba wayekhona kuqala kunami.’ ”


Weza ezweni lonke laseJordani eshumayela umbhapathizo wokuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono,


Kwathi besahamba endleleni, bafika emanzini. Umthenwa wathi: “Bheka, nanka amanzi; kwalani ukuba ngibhapathizwe na?”


Wayala ukuba inqola ime. Behlela emanzini bobabili, uFiliphu nomthenwa; wambhapathiza.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite