Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 27:54 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

54 Kepha induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu sebebona ukuzamazama nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ube yiNdodana kaNkulunkulu.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

54 Induna yekhulu nalabo ababenayo beqaphe uJesu, bebona umhlaba uzamazama nalokho okwenzekileyo, besaba kakhulu, bathi: “Impela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

54 Kwathi induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu bebona ukuzamazama komhlaba nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

54 Kwathi induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu bebona ukuzamazama komhlaba nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 27:54
22 Referans Kwoze  

Kepha induna yekhulu eyayimi maqondana naye imbona efa ngokunjalo, yathi: “Nempela lo muntu ube yiNdodana kaNkulunkulu.”


ahlala amlinda khona.


Wethembile uNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu.’ ”


kepha induna yekhulu ithanda ukusindisa uPawulu yawavimbela enhlosweni yawo, yayala ukuba labo abakwazi ukuhlamba baziphonse kuqala emanzini, bafike emhlabathini,


Kwathi sekunqunyiwe ukuba siye e-Italiya ngomkhumbi, banikela uPawulu nezinye iziboshwa ezithile enduneni yekhulu, igama layo linguJuliyu, eyebutho likaKesari.


Yayisibiza izinduna zekhulu ezimbili, yathi: “Lungisani amabutho angamakhulu amabili alungele ukuya eKesariya ngehora lesithathu lasebusuku, kanye nezinkweli ezingamashumi ayisikhombisa, nabemikhonto abangamakhulu amabili,


yona yayisithatha masinyane amabutho nezinduna zekhulu, yagijimela kubo; sebebona induna yenkulungwane namabutho bayeka ukumshaya uPawulu.


Kwathi esangena eKapernawume, kweza kuye induna yekhulu, yamncenga yathi:


Kwafika umlingi, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho ukuba lawa matshe abe yizinkwa.”


Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, kwawa okweshumi komuzi, nangokuzamazama komhlaba kwabulawa abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa, nabaseleyo bashaywa luvalo, bamdumisa uNkulunkulu wezulu.


eyabonakaliswa ngamandla ukuthi iyiNdodana kaNkulunkulu ngokoMoya wobungcwele ngokuvuka kwabafileyo, uJesu Kristu iNkosi yethu


UPawulu wayesebiza enye induna yekhulu, wathi: “Yisa le nsizwa enduneni yenkulungwane, ngokuba inento ezakuyibika kuyo.”


Kwakukhona eKesariya indoda ethile egama layo linguKorneliyu, eyinduna yekhulu yebutho elithiwa elase-Italiya;


Sebekuzwa bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPetru nakwabanye abaphostoli: “Madoda, bazalwane, siyakwenze njani na?”


Kepha abaJuda bamphendula bathi: “Sinomthetho thina; ngalo mthetho ufanele ukufa, ngokuba ezenzile iNdodana kaNkulunkulu.”


Base bethi bonke: “Kanti uyiNdodana kaNkulunkulu na?” Wathi kubo: “Nisho khona, ngokuba ngiyiyo.”


bathi: “Wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise, uma uyiNdodana kaNkulunkulu, wehle esiphambanweni.”


Kepha uJesu wathula. Wayesethi kuye umpristi omkhulu: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.”


Bheka-ke, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite