Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 26:67 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

67 Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamdushuza, kepha abanye bammukula,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

67 Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamdushuza, abanye bammukula,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

67 Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamshaya; abanye bamshaya ngezintende zezandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

67 Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamshaya; abanye bamshaya ngezintende zezandla.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 26:67
24 Referans Kwoze  

Nganika abashayi umhlane, nezihlathi zami kubo abahluthula isilevu; angibusithelisanga ubuso bami ekuhlazisweni nasekufelweni amathe.


Yayideleliwe, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu owazi ukugula; yeyiswa injengosithezelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho.


Esasho lokho, esinye isikhonzi esasimi khona sammukula uJesu, sathi: “Uphendula umpristi omkhulu kanjalo na?”


Amkhafulela ngamathe, athatha umhlanga, amshaya ekhanda lakhe.


Abanye base beqala ukumkhafulela ngamathe nokumgubuzela ubuso nokumdushuza, bathi kuye: “Profetha.” Nezikhonzi zamthatha zammukula.


Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi, kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye.


sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.


aya kuye, athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!” Ammukula.


Amshaya ekhanda ngomhlanga, amkhafulela ngamathe, aguqa ngamadolo, akhuleka kuye.


Makanike isihlathi sakhe komshayayo, asuthe ngenhlamba.


Njengalokhu abaningi bamangala ngayo ubuso bayo babonakele kunobabantu, nesimo sayo kunesamadodana abantu


sithi sihletshwa, sibe siphendula kahle; senziwe kungathi siyinsila yezwe, umphucuzo wezinto zonke kuze kube manje.


bazakuyiklolodela, bayikhafulele ngamathe, bayishaye, bayibulale; kepha emva kwezinsuku ezintathu izakuvuka.”


Buthana ngamaviyo, ndodakazi yamaviyo; usivimbezele, bayakumshaya umahluleli wakwa-Israyeli ngenduku esihlathini.


Usenze umphucuzo nemfucumfucu phakathi kwabantu.


UPhashuri wamshaya uJeremiya umprofethi, wamfaka esitokisini* esasingasesangweni lasenhla lakwaBenjamini elalingasendlini kaJehova.


USedekiya indodana kaKhenahana wayesesondela, wamshaya uMikhaya esihlathini, wathi: “UMoya kaJehova wasuka kimi ngaphi ukuba akhulume kuwe na?”


umkamfowabo uyakufika kuye phambi kwamalunga, akhumule isicathulo onyaweni lwakhe, amkhafulele ebusweni bakhe, aphendule athi: ‘Kuyakwenziwa kanjalo kumuntu ongayakhi indlu yomfowabo.’


UJehova wathi kuMose: “Uma uyise ebemkhafulele ebusweni, ubengebe namahloni izinsuku eziyisikhombisa na? Makavalelwe ngaphandle kwekamu* izinsuku eziyisikhombisa; ngasemva kwalokho uyakubuye angeniswe.”


bathi: “Siprofethele, Kristu; ngubani okushayileyo na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite