Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 26:55 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

55 Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphumile kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku ukungibamba, na? Bengihlezi ethempelini imihla ngemihla ngifundisa, anangibamba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

55 Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphume kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku, nizongibamba na? Nsuku zonke bengifundisa ethempelini, kodwa anizange ningibambe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

55 Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphumele ukungibamba niphethe izinkemba nezinduku njengokuya kumphangi na? Bengihlezi kini insuku zonke ethempelini ngifundisa, aningibambanga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

55 Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphumele ukungibamba niphethe izinkemba nezinduku njengokuya kumphangi na? Bengihlezi kini insuku zonke ethempelini ngifundisa, aningibambanga.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 26:55
15 Referans Kwoze  

Ekuseni kakhulu wabuye weza ethempelini; abantu bonke beza kuye; wayesehlala phansi, wabafundisa.


Khona uJesu efundisa ethempelini wabuza wathi: “Basho kanjani ababhali ukuthi uKristu uyindodana kaDavide na?


Ngakho uJesu wamemeza efundisa ethempelini, wathi: “Niyangazi, niyazi futhi ukuthi ngivelaphi; mina-ke angizizelanga, kodwa ongithumileyo uqinisile, eningamaziyo nina.


Kuthe sekuphakathi komkhosi, uJesu wenyukela ethempelini, wafundisa.


Kuthe engena ethempelini, kweza kuye abapristi abakhulu namalunga esizwe, esafundisa, bathi: “Ukwenza lokhu ngagunya lini na? Futhi ngubani okunike leli gunya na?”


Esakhuluma, bheka, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esikhulu sinezinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu namalunga esizwe.


Wasuka lapho, weza emikhawulweni yaseJudiya nangaphesheya kweJordani; izixuku zabuye zabuthana kuye, waphinda wabafundisa abantu njengokujwayela kwakhe.


Wayigoqonga incwadi, wayinika isikhonzi, wahlala; amehlo abo bonke ababesesinagogeni* amgqolozela.


Wayefundisa ethempelini imihla ngemihla. Kepha abapristi abakhulu, nababhali, nezikhulu zabantu bafuna ukumbulala.


Kwathi ngolunye lwezinsuku lezo esafundisa abantu ethempelini, eshumayela ivangeli, abapristi abakhulu nababhali bekanye namalunga bamvukela.


Lawo mazwi wawakhuluma ngasemphongolweni weminikelo efundisa ethempelini; akubangakho ombambayo, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite