Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 26:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona leli vangeli ezweni lonke, kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo, kube yisikhumbuzo ngaye.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Ngiqinisile ngithi kini: noma kuphi lapho leli vangeli liyakushunyayelwa khona, emhlabeni wonke, kuyakukhulunywa nangalokhu akwenzile lo wesifazane, kube yisikhumbuzo ngaye.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho elizashunyayelwa khona lelivangeli emhlabeni wonke, kuyakuba-khona nalokhu akwenzileyo lona wesifazane, kube yisikhumbuzo ngaye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho elizashunyayelwa khona lelivangeli emhlabeni wonke, kuyakuba-khona nalokhu akwenzileyo lona wesifazane, kube yisikhumbuzo ngaye.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 26:13
19 Referans Kwoze  

Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona ivangeli ezweni lonke, kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo, kube yisikhumbuzo ngaye.”


Leli vangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.


Ngokuba akayikugudluka kuze kube phakade; olungileyo uyakukhunjulwa kuze kube phakade.


Ngokuba uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe, lokhu nibakhonzile abangcwele, nisabakhonza.


Qhumukani ngokuhlabelela, nihlabelele kanyekanye, nina zindawo ezichithekileyo zaseJerusalema, ngokuba uJehova ubaduduzile abantu bakhe, ulihlengile iJerusalema.


“Ngalokho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uthi: ‘Ngasho nokusho ukuthi indlu yakho nendlu kayihlo yohamba phambi kwami kuze kube phakade.’ Kepha manje uJehova uthi: ‘Makube kude nami, ngokuba abangidumisayo ngiyakubadumisa; abangidelelayo bayakweyiswa.


Ngase ngibona enye ingelosi indiza emkhathini wezulu, inevangeli eliphakade ilishumayela kwabahlezi emhlabeni, nakuzo zonke izizwe, nemindeni, nezilimi, nabantu,


owazinikela abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi besikhathi esiyiso,


uma kambe nihlala ekukholweni, nisekeliwe nigxilile, ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Pawulu.


elifikile kini, njengalokhu likhona ezweni lonke lithela izithelo, landa, njengokuba kunjalo naphakathi kwenu, kusukela osukwini enezwa ngalo, nazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso,


Ngokuba akusiye ozincomayo ovunywa abongwe, kepha yilowo iNkosi emncomayo.


ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, ngamandla kaMoya oNgcwele, njengokuba ngasuka eJerusalema, ngazungeza ngaze ngafika e-Iliriku, ngishumayela ivangeli likaKristu ngokupheleleyo.


Kepha ngithi: Abezwanga yini na? Yebo, impela: “Izwi labo liphumele emhlabeni wonke, nokusho kwabo kuye nasemikhawulweni yelakhiweyo.”


kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema.


Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.


Kepha ivangeli limelwe ukushunyayelwa kuqala ezizweni zonke.


ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele,


Wayigqolozela enokwesaba, wathi: “Kwenze njani, Nkosi?” Yathi kuye: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kwenyukile kwaba yisikhumbuzo emehlweni kaNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite