Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 26:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Kepha uJesu ekwazi lokho wathi kubo: “Nimhluphelani owesifazane na? Ngokuba usebenzile umsebenzi omuhle kimi;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Kepha uJesu ekwazi ababekusho, wathi kubo: “Nimhluphelani lo wesifazane na? Ngokuba wenze umsebenzi omuhle kimi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 UJesu ekwazi wathi kubo: “Nimhluphelani owesifazane na? ngoba wenzé umsebenzi omuhle kimi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 UJesu ekwazi wathi kubo: “Nimhluphelani owesifazane na? ngoba wenzé umsebenzi omuhle kimi.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 26:10
24 Referans Kwoze  

Lithembekile leli zwi. Ngithanda ukuba uqinise impela ngalezo zinto, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Lezo zinto zinhle, zinosizo kubantu;


makaniphelelise kukho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, esebenza phakathi kwethu khona lokho okuthokozisayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Nabakithi mabafunde ukukhuthalela imisebenzi emihle njengokuswelekileyo, ukuze bangabi ngabangenazithelo.


Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla, balalele, balungele imisebenzi yonke emihle,


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.


Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo bengabenyanyekayo, nabangalaleliyo, nasemisebenzini yonke emihle kabasizi lutho.


ngalokho uma umuntu ezihlanza kulezo zinto, uyakuba yisitsha esihloniphekayo, esingcwelisiwe, esinosizo kumninindlu, esilungiselwe umsebenzi wonke omuhle.


ebongwa ngemisebenzi emihle, uma ondlile abantwana, uma engenisile izihambi, uma egezile izinyawo zabangcwele, uma esizile abahluphekayo, uma ekhuthalele umsebenzi wonke omuhle.


Likholekile leli zwi elithi: Uma umuntu efisa isikhundla sombonisi, unxanela umsebenzi omuhle.


makaduduze izinhliziyo zenu, aniqinise emisebenzini yonke nasemazwini onke amahle.


nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo emisebenzini yonke elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu,


Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.


Mangingabe ngisakhathazwa muntu, ngokuba ngiphethe emzimbeni wami izimpawu zikaJesu.


Sengathi bangazihuna abaninyakazisayo.


elingesilo elinye, kuphela ukuba bakhona abanididayo, bethanda ukuphendukezela ivangeli likaKristu.


Kepha uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame, ukuze kuthi ninokwanela konke ezintweni zonke ngezikhathi zonke, nivame imisebenzi yonke emihle,


Kepha uJesu wathi: “Myekeni; nimhluphelani na? Usebenzile umsebenzi omuhle kimi.


Niyakumkhulumela uNkulunkulu ngokubi, nimkhulumele ngenkohliso, na?


Ngabatshela ngesandla sikaNkulunkulu wami esasisihle phezu kwami, nangamazwi enkosi eyayiwakhulume kimi. Bathi: “Masisuke sakhe,” beqinisela izandla zabo lowo msebenzi.


nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, ngokubona imisebenzi yenu emihle badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.


Ngokuba lokho nga kuthengisiwe ngokukhulu, kwaphiwa abampofu.”


ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo.


Esakhuluma, kwafika othile evela kwamphathi wesinagoge,* wathi kuye: “Indodakazi yakho isifile; ungabe usamkhathaza uMfundisi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite