Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 25:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “Kepha phakathi kobusuku kwamenyezwa ukuthi: ‘Nangu umyeni; phumani niye kumhlangabeza!’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 “Kwathi phakathi kwamabili, kwamenyezwa kwathiwa: ‘nangu umyeni eza; phumani nimhlangabeze!’

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Kepha phakathi kobusuku kwamenyezwa ukuthi: ‘Nangu umyeni; phumani niyomhlangabeza.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kepha phakathi kobusuku kwamenyezwa ukuthi: ‘Nangu umyeni; phumani niyomhlangabeza.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 25:6
24 Referans Kwoze  

Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela mhla amazulu eyakudlula ngokuhlokoma; kuyakusha konke, kubhidlike; nomhlaba nemisebenzi yawo kuyakusha.


“Khona umbuso wezulu uzakufaniswa nezintombi eziyishumi ezathatha izibani zazo, zaphuma ukuyohlangabeza umyeni.


Ngalokho nani hlalani nilungele, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ngesikhathi eningasicabangiyo.


Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.


Kuyakuthiwa ngalolo suku: “Bheka, lo unguNkulunkulu wethu; simhlalele, uyakusisindisa; lo unguJehova; simhlalele; siyakujabula, sithokoze ngensindiso yakhe.”


Bheka, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze balibone ihlazo lakhe.


ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala,


inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayibhekile ngalo nangomzuzu engawaziyo, iyinqumanqume, iyabele nabangakholekile.


“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Wena siwula, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe; pho-ke, izinto ozilungisileyo ziyakuba ngezikabani na?’


“Kepha nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo;


“Ngalokho ngiyakwenze njalo kuwe Israyeli; njengokuba ngiyakwenza lokhu kuwe, zilungiselele ukuhlangana noNkulunkulu wakho, Israyeli.”


ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba. Uyakwahlulela izwe ngokulunga nezizwe ngobuqotho.


ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza, yebo, uyeza ukwahlulela umhlaba; uyakwahlulela izwe ngokulunga, nezizwe ngokuthembeka kwakhe.


Umyeni esalibele, zozela zonke, zalala.


“Khona zavuka lezo zintombi zonke, zalungisa izibani zazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite