Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 24:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Niyakuzwa izimpi namahemuhemu ezimpi. Bhekani ningethuki, ngokuba kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Niyakuzwa ngezimpi, namahemuhemu ezimpi. Nina ningethuki, ngokuba kumele ukuba lokhu kwenzeke, kodwa ukuphela kuyakube kungakafiki.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Niyakuzwa ngezimpi namahemuhemu ezimpi, bhekani ningethuki;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Niyakuzwa ngezimpi namahemuhemu ezimpi, bhekani ningethuki;

Gade chapit la Kopi




Mathewu 24:6
32 Referans Kwoze  

Nxa nizwa ngezimpi neziyaluyalu, ningethuki, ngokuba kumelwe ukuba kwenzeke lokho kuqala, kepha ukuphela akukabikho masinyane.”


“Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi.


ukuba ningasheshi ninyakaziswe engqondweni yenu, ningethuswa noma ngomoya, noma ngezwi, noma ngencwadi ngokungathi ivela kithi, sengathi usuku lukaKristu selufikile.


Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.


Akesabi imibiko emibi; inhliziyo yakhe iqinile, iyethemba uJehova.


Leli vangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.


Ngokukhuthazela kwenu niyakuzuza imiphefumulo yenu.


Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; nginethemba, angesabi, ngokuba uJehova, uJehova ungamandla ami nehubo lami, waba yinsindiso yami.”


Ngokuba ngithi kini: Kumelwe ukugcwaliseka kimi lokho okulotshiweyo kokuthi: ‘Wabalwa kanye nezelelesi;’ ngokuba okuqondene nami sekuyaphelela.”


Pho-ke ingagcwaliseka kanjani imibhalo yokuthi kumelwe ukuba kube njalo na?”


“Wena ndodana yomuntu, profetha uthi: ‘Isho kanje iNkosi uNkulunkulu ngabantwana bakwa-Amoni nangehlazo labo, ithi: Thana wena: “ ‘Inkemba, inkemba ihoshiwe, iphucuzelwe ukubulala nokuqothula, ibe njengonyazi,


“Awu wena nkemba kaJehova, koze kube nini ungathuli na? Buyela emgodleni wakho, uthule, uzole.


usho kuye ukuthi: ‘Xwaya, uthule; ungesabi, nenhliziyo yakho mayingadangali ngemisila emibili yalezi zikhuni ezithunqayo, ngokuvutha kolaka lukaResini ne-Aramu nolwendodana kaRemaliya.


UHerode inkosi esekuzwile lokho wakhathazeka neJerusalema lonke kanye naye.


Kwase kuphuma elinye ihhashi elibomvu, nohlezi phezu kwalo waphiwa ukususa ukuthula emhlabeni, ukuze babulalane, wanikwa nenkemba enkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite