Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 24:49 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

49 iqale ukushaya izinceku ezikanye nayo, idle, iphuze nezidakwa,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

49 bese iqala ukushaya izinceku ezikanye nayo, idle, iphuze nezidakwa,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

49 uyakuqala ukushaya izinceku kanye naye, nokudla nokuphuza nezidakwa;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

49 uyakuqala ukushaya izinceku kanye naye, nokudla nokuphuza nezidakwa;

Gade chapit la Kopi




Mathewu 24:49
23 Referans Kwoze  

Ngase ngibona owesifazane edakiwe yigazi labangcwele negazi lawofakazi bakaJesu. Kuthe lapho ngimbona, ngamangala ngokumangala okukhulu.


ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaprofethi, wabanika ukuba baliphuze igazi; bakufanele.”


“Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo.


Usho kanje uJehova: “Ngabaprofethi abadukisa abantu bami, abathi, bese nakho okokuhlafuna ngamazinyo abo, bamemeze bathi: ‘Ukuthula,’ nongabeki lutho emlonyeni wabo bamlungisele ukulwa.


Sanikwa ukuba silwe nabangcwele, sibanqobe; sanikwa futhi amandla phezu kwemindeni yonke, nabantu, nezilimi, nezizwe.


Yilabo abayizisihla emadilini enu othando bedla nani, bengesabi, baziklabisa; bangamafu angenamanzi, aqhutshwa yimimoya; bayimithi yasebusika engenazithelo, efe kabili, isishuliwe;


kungabi njengabazenza amakhosi phezu kwamabandla enabelwa wona, kodwa nibe yizibonelo zomhlambi;


abakuphela kwabo ngukubhujiswa, abankulunkulu wabo yisisu, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abangabanaka okomhlaba.


ngokuba niyabekezela, uma umuntu enenza izigqila, uma enidla, uma enibamba, uma ezikhukhumeza, uma enishaya ebusweni.


ngokuba abanjalo abayikhonzi iNkosi yethu uKristu, bakhonza isisu sabo; nangamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenacala.


Niyadla amanoni, nembatha uboya, nihlaba ezikhulupheleyo, kepha izimvu anizalusi.


Yizwani izwi likaJehova nina enithuthumela ngezwi lakhe. “Abafowenu abanizondayo, abanixosha ngenxa yegama lami, bashilo bathi: ‘Makazidumise uJehova ukuba sibone intokozo yenu,’ kepha bona bayakujabha.


Wozani, ngiyakuletha iwayini, sizakuzigcwalisa ngophuzo olunamandla; nengomuso liyakuba njenganamuhla, libe likhulu kakhulu.


Niwukhahlelelani umhlatshelo wami nomnikelo wami engiyale ngakho endlini yami, udumise amadodana akho phezu kwami, nizikhuluphalise ngeminikelo emihle kunayo yonke yakwa-Israyeli, abantu bami, na?’


Ungabi phakathi kwezinseli zewayini nabayiziminzi zenyama.


“Kepha kwathi isiphuma leyo nceku, yafumana enye yezinceku ezikanye nayo enecala kuyo lawodenariyu* abayikhulu, yayibamba, yayiklinya, yathi: ‘Khokha icala lakho.’


Kodwa uma leyo nceku embi ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami ilibele,’


inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayibhekile ngalo nangehora engalaziyo,


“Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala, kuthi lapha sebephuze kakhulu, akhiphe elibi kunalo; wena ugcinile elimnandi kuze kube manje.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite