Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 24:48 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

48 Kodwa uma leyo nceku embi ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami ilibele,’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

48 Kepha uma leyo nceku embi ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami isalibele,’

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

48 Kodwa uba leyonceku embi ithi enhliziyweni yayo: Inkosi yami ilibele ukufika;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

48 Kodwa uba leyonceku embi ithi enhliziyweni yayo: Inkosi yami ilibele ukufika;

Gade chapit la Kopi




Mathewu 24:48
18 Referans Kwoze  

Khona inkosi yayo yayibiza, yathi kuyo: ‘Nceku embi, lonke lelo cala ngikuthethelele lona ngokuba wangincenga;


Kepha uma leyo nceku ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami ilibele ukufika,’ iqale ukushaya abafana namantombazana, idle, iphuze, idakwe,


Ngokuba isiwula siyakukhuluma ubuwula, nenhliziyo yaso iyakusebenza ububi, yenze ukungamesabi uNkulunkulu, ikhulume okuphambene noNkulunkulu, yenze ukuba olambileyo abe nephango, nowomileyo ukuba aswele uphuzo lwakhe.


Wayesethi uPetru: “Ananiya, kungani ukuba uSathane agcwalise inhliziyo yakho, uqambe amanga kuMoya oNgcwele, ugodle inxenye yemali yezwe, na?


Sekudliwa, uSathane esekufake enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele,


ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi, nobufebe, nokweba, nokubulala,


“Ungakhulumi enhliziyweni yakho, uJehova uNkulunkulu wakho esebaxoshile ngaphambi kwakho, ngokuthi: ‘Ngenxa yokulunga kwami uJehova ungingenisile ukuba ngidle leli zwe,’ ingani kungenxa yobubi balezo zizwe uJehova azixosha phambi kwakho.


Ngakho-ke phenduka kulobu bubi bakho, unxuse eNkosini, ingabe ungathethelelwa yini isizindlo senhliziyo yakho,


“Wathi kuyo: ‘Ngizakukwahlulela ngomlomo wakho wena nceku embi. Ubuwazi ukuba ngingumumtu olukhuni, ngithabatha engingakubekanga, ngivuna engingakuhlwanyelanga;


“Kepha inkosi yakhe yaphendula, yathi kuye: ‘Nceku embi nevilaphayo, ubukwazi ukuthi ngivuna lapha ngingahlwanyelanga khona, ngibutha lapha ngingafazanga khona, na?


“Ndodana yomuntu, bheka, abendlu ka-Israyeli bathi: ‘Umbono awubonayo ungowezinsuku ezizayo, uprofetha ngezikhathi ezisekude.’


“Ndodana yomuntu, siyini leso saga eninaso ezweni lakwa-Israyeli sokuthi: ‘Izinsuku ziyajobeleleka, nayo yonke imibono iphuthile,’ na?


Ngenxa yokuba ububi obenziwayo bungahlulelwa masinyane, ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu phakathi kwawo zigcwele ukwenza okubi,


Wayesethi: “Ayiyanga yini inhliziyo yami, lapho lowo muntu ephenduka enqoleni yakhe ukukuhlangabeza, na? Sekuyisikhathi sokwamukela izingubo, neminqumo, nezivini, nezimvu, nezinkabi, nezinceku, nezincekukazi, na?


Xwaya ukuba kungabikho mcabango omubi enhliziyweni yakho ngokuthi: ‘Umnyaka wesikhombisa, umnyaka woyekelo, ususeduze;’ iso lakho beseliba libi kumfowenu ompofu, ungamniki lutho, abesekhala kuJehova ngawe, kube yisono sakho.


Ngiqinisile ngithi kini: Iyakuyimisa phezu kwakho konke enakho.


iqale ukushaya izinceku ezikanye nayo, idle, iphuze nezidakwa,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite