Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 24:43 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

43 Kepha anokwazi lokhu ukuthi, uma umninindlu ebewazi umlindo isela eliyakufika ngawo, ubeyakulinda, angavumi ukuba indlu yakhe ifohlwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

43 Kepha yazini lokhu ukuthi, ukuba umninindlu ubazi ukuthi isela liyakugasela nini ebusuku, ubeyakulinda, angavumi ukuba indlu yakhe igqekezwe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

43 Kodwa yazini lokhu, ukuthi uba umninindlu ebesazi ukuthi isela lizafika ngawuphi umlindo, ubezalinda, njalo ubengayikuvuma ukuthi indlu yakhe igqekezwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

43 Kodwa yazini lokhu, ukuthi uba umninindlu ebesazi ukuthi isela lizafika ngawuphi umlindo, ubezalinda, njalo ubengayikuvuma ukuthi indlu yakhe igqekezwe.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 24:43
18 Referans Kwoze  

Kepha yazini lokhu kokuthi, uma umninindlu ebesazi isikhathi isela elizakufika ngaso, ubengayikuvuma ukuba ifohlwe indlu yakhe.


Ngalokho nani hlalani nilungele, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ngesikhathi eningasicabangiyo.


Kepha sebamukela bakhonona ngomninindlu,


Ngokuba indoda yami ayikho ekhaya; ihambile uhambo olude;


Ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle.


“Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngaluphi usuku.


“Zisaya kuthenga, wafika umyeni. Ezazilungele zangena naye emshadweni; kwavalwa emnyango.


“Ngakho lindani, ngokuba anilwazi usuku nehora.


Wababona behlupheka ekugwedleni, ngokuba umoya wawuphambene nabo, weza kubo ngomlindo wesine wobusuku ehamba phezu kolwandle. Kwangathi uyadlula kubo.


“Ngakho lindani, ngokuba anazi ukuthi inkosi yendlu iyakufika nini, noma ngokuhlwa, noma phakathi kobusuku, noma ngokukhala kwezinkuku, noma ekuseni,


Noma ifika ngomlindo wesibili noma ngowesithathu, ifumane kunjalo, zibusisiwe zona lezo.


Ngakho lindani ngesikhathi sonke, nikhuleke ukuba nibe namandla okuphepha kukho konke lokhu okuyakwenzeka nawokuma phambi kweNdodana yomuntu.”


ngakho-ke khumbula ukuthi wamukele wezwa kanjani, kugcine, uphenduke. Ngokuba uma ungalindi, ngiyakuza kuwe njengesela, kawusoze walazi ihora engiyakuza ngalo kuwe.


Bheka, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze balibone ihlazo lakhe.


Bafohla izindlu sekumnyama; emini bayazivalela; ukukhanya abakwazi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite