Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 24:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lubonakale kuze kube sentshonalanga, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

27 Njengonyazi luphuma empumalanga, lubonakale ngisho entshonalanga, kuyakuba njalo-ke ukufika kweNdodana yomuntu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

27 Ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lukhanye kuze kube sentshonalanga; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lukhanye kuze kube sentshonalanga; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 24:27
18 Referans Kwoze  

bethi: “Siphi isithembiso sokufika kwakhe na? Ngokuba kuselokhu obaba balala, konke kumi kunjalo njengakwasekuqaleni kokudalwa.”


Bekezelani nani, niqinise izinhliziyo zenu, ngokuba ukufika kweNkosi kusondele.


Ngubani ongathwala usuku lokufika kwaso? Ngubani oyakuma ekubonakaleni kwaso na? Ngokuba sinjengomlilo wocwengisisayo nensipho yomhlanzi.


UJehova abesebonakala phezu kwabo, umcibisholo wakhe uphume njengonyazi; iNkosi uJehova iyakubetha icilongo, ihambe ngezivunguvungu zaseningizimu.


abazanga kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.


Ngokuba njengasemihleni kaNowa, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.


Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza embusweni wayo.”


“Bhekani, ngiyakuthuma kini u-Eliya umprofethi, lungakafiki usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.


UJehova uyakulizwakalisa izwi lakhe elidumileyo, abonakalise ukwehla kwengalo yakhe ngokuvutha kolaka lwakhe, nangelangabi lomlilo oqothulayo, ngesivunguvungu, nangesiphepho, nangesichotho.


Uyakukhipha phansi kwalo lonke izulu, nonyazi lwakhe luya emagumbini omhlaba.


Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye bebodwa, bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba nini, nesibonakaliso sokuza kwakho nesokuphela kwezwe siyakuba yini na?”


UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.”


Ungathuma imibani ukuba ihambe, isho kuwe, ithi: ‘Bheka, silapha’?


Izidalwa zagijima, zabuya njengombani.


Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.


“Ngakho-ke uma bethi kini: ‘Bhekani, usehlane,’ ningaphumi; noma bethi: ‘Bhekani, usendlini,’ ningakholwa;


Ngalokho nani hlalani nilungele, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ngesikhathi eningasicabangiyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite