Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 24:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Ngokuba lapho kuyakuba khona usizi olukhulu olungazange lube khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje nolungasayikuba khona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Ngokuba kuyakuba khona usizi olukhulu olungakaze lube khona kwasekuqaleni kwezwe, kuze kube manje, futhi olungasoze lwaba khona.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Ngokuba ngaleso sikhathi kuyakuba-khona usizi olukhulu, olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje, nolungasayikuba khona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngokuba ngaleso sikhathi kuyakuba-khona usizi olukhulu, olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje, nolungasayikuba khona.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 24:21
20 Referans Kwoze  

“Ngaleso sikhathi uMikayeli uyakuvela, isikhulu esigqamileyo esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi; ngaleso sikhathi abantu bakho bayakukhululwa, bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini.


usuku lobumnyama nolwesigayegaye, usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu, njengokusa kwenekwe ezintabeni, abantu abaningi abanamandla abangazange babe ngabanjalo kwasendulo, nabangasoze baba ngabanjalo emva kwabo kuze kube naseminyakeni yezizukulwane ngezizukulwane.


“Ngokuba bheka, luyeza usuku, luvutha njengeziko; bonke abaziqhenyayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi; luyakubashisa lolo suku oluzayo,” usho uJehova Sebawoti, “lungabashiyeli mpande nagatsha.


Bayakuwa bedliwa yinkemba, bathunjelwe ezizweni zonke; iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.


besivimbela ukukhuluma nabezizwe ukuba basindiswe, ukuze bagcwalise njalo izono zabo; kepha ulaka selufinyelele phezu kwabo ngokupheleleyo.


“Kepha masinyane emva kosizi lwalezo zinsuku “ ‘ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya, nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini, namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.’


Yizwani lokhu nina badala, nibeke indlebe nina nonke enihlezi ezweni. Kwake kwaba khona emihleni yenu noma emihleni yawobaba na?


“Kepha ziqapheleni nina. Bayakunikhaphela emiphakathini; niyakushaywa emasinagogeni;* niyakumiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo.


Emva kwalawo masonto angamashumi ayisithupha nambili ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe.


Ngiyakwenza kuwe lokho engingazange ngikwenze, nengingasayikukwenza okunjengakho ngenxa yazo zonke izinengiso zakho.


Khulekani ukuba ukubaleka kwenu kungabi sebusika nangesabatha.


Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwe owaziyo.” Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.


Kwase kuba khona imibani, namazwi, nokuduma, kwaba khona nokuzamazama okukhulu komhlaba okungazange kube khona okunjalo, selokhu kwaba khona abantu emhlabeni, ukuzamazama komhlaba okukhulu kangaka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite