Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 23:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “Kepha imisebenzi yonke yabo bayenza ukuba babonwe ngabantu; amafilakteriyu* abo bawenza abe banzi, bawenze abe makhulu amachopho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 “Yonke imisebenzi yabo bayenza ukuba babukwe ngabantu. Amabhande abo abawabopha ebunzini uma bekhuleka bawenza abe banzi, benze izinsephe ezinkulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Kodwa yonke imisebenzi yabo bayenza ukuze babonwe ngabantu; bawenza abe banzi amafilakteriyu abo, bandise imiphetho yezingubo zabo;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kodwa yonke imisebenzi yabo bayenza ukuze babonwe ngabantu; bawenza abe banzi amafilakteriyu abo, bandise imiphetho yezingubo zabo;

Gade chapit la Kopi




Mathewu 23:5
20 Referans Kwoze  

ngokuba babethanda udumo lwabantu kunodumo lukaNkulunkulu.


ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani,


Ningakholwa kanjani nina enidumisana nodwa, ningalufuni udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa, na?


Wayesethi kubo: “Nina ningabazishaya abalungileyo emehlweni abantu; kepha uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okuphakemeyo phakathi kwabantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.


Uyakuwabopha abe luphawu esandleni sakho, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho.


abadla izindlu zabafelokazi, bekhuleka isikhathi eside ngokuzenzisa; laba bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.”


“Uyakuzenzela izinsephe emiphethweni yomine yesambatho sakho osembathayo.


Kuyakuba luphawu kuwe esandleni sakho, kube yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ukuze umthetho kaJehova ube semlonyeni wakho, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wakukhipha eGibithe.


Abanye kambe bashumayela uKristu ngomhawu nangombango kepha abanye ngenhliziyo enhle;


Okhuluma ngokwakhe ufuna udumo lwakhe; kepha ofuna udumo lomthumileyo lowo uqinisile; akukho ukungalungi kuye.


Bheka, owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili weza emva kwakhe, wathinta umphetho wengubo yakhe.


Isihhe neqiniso makungakushiyi; kubophe entanyeni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,


omelana nakho konke, nozikhukhumeza phezu kwakho konke okuthiwa uNkulunkulu noma into ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu ezishaya uNkulunkulu.


Wayesethi: “Hamba nami, ubone ukushisekela kwami uJehova.” Base bemkhwelisa enqoleni yakhe.


Niyakuwabeka lawa mazwi ami enhliziyweni yenu nasemphefumulweni wenu, niwabophe abe luphawu esandleni senu, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo enu.


ngosuku lwesikhombisa umpristi abheke isifo; uma umuna ungandile, futhi kungekho zinwele ezimpofu kuwo, umuna ubonakala ungashonile kunesikhumba,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite