Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 23:37 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

37 “Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi nokhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko aso, kepha anivumanga.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

37 “Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaphrofethi, ubakhande ngamatshe labo abathunyelwe kuwe, kukaningi kangakanani ngilangazelela ukuqoqa abantwana bakho, ngibakhusele phansi kwamaphiko njengesikhukhukazi sikhusele amachwane aso phansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

37 Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunywe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho, njengesikhukhukazi sibuthela amatshwele aso ngaphansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga!

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

37 Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunywe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho, njengesikhukhukazi sibuthela amatshwele aso ngaphansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga!

Gade chapit la Kopi




Mathewu 23:37
46 Referans Kwoze  

UJehova makakuvuze ngomsebenzi wakho, uphiwe umvuzo opheleleyo nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli oze ukuba uphephele phansi kwamaphiko akhe.”


Ngezimpaphe zakhe uyakukusibekela, uphephele phansi kwamaphiko akhe; ukuthembeka kwakhe kuyisihlangu nehawu.


Ngigcine njengenhlamvu yeso, ungisithe ethunzini lamaphiko akho


Ububele bakho, Nkulunkulu, buyigugu elingaka; abantwana babantu bakhosela ethunzini lamaphiko akho.


“Kepha babengalaleli, bakuhlubuka, balahla nyovane umthetho wakho, bababulala abaprofethi bakho abafakaza ngabo ukubabuyisela kuwe, benza izithuko ezinkulu.


Ngokuba ungisizile; ngiyakwethaba ethunzini lamaphiko akho.


Futhi ngithume kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngibathuma njalonjalo, ngokuthi: “Ake nibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze imisebenzi yenu ibe mihle, ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze; khona niyakuhlala ezweni engilinike nina nawoyihlo.” Kepha anibekanga izindlebe zenu, aningizwanga.


Nithi: ‘Uma sasikhona emihleni yawobaba, sasingayikuhlanganyela nabo egazini labaprofethi.’


Wathuma izinceku zakhe ukubiza abamenyiweyo emshadweni; kepha abavumanga ukuza.


Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba kanjalo babazingela abaprofethi abananduleleyo.


Lapho bebabiza, kwaba yilokhu besuka kubo; babahlabela oBali, bashisela izithombe ezibaziweyo impepho.


Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu; yiba nomusa kimi. Ngokuba umphefumulo wami uphephela kuwe; ngifuna ukukhosela ethunzini lamaphiko akho, zize zidlule izinhlupheko.


ababulala neNkosi uJesu nabaprofethi, basixosha nathi, bengamthokozisi uNkulunkulu, bemelana nabantu bonke,


Kepha ngathuma kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngizithuma njalonjalo, ngathi: ‘Maningenzi le nto enengekayo engiyizondayo.’


Abaseleyo babamba izinceku zakhe, baziphatha kabi, bazibulala.


Ningabi njengawoyihlo abaprofethi bokuqala abamemeza kubo, bathi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ake nibuye ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu ezimbi;’ kepha kabalalelanga, kabangiqaphelanga, usho uJehova.


Abantu bami bahlose ukuhlehla kimi; noma bebabizela kongaPhezulu kangakanani, akakho oziphakamisayo.


Bamkhipha u-Uriya eGibithe, bamyisa enkosini uJehoyakimi eyambulala ngenkemba, yasilahla isidumbu sakhe emathuneni abantukazana.


Mawuxwayiswe, Jerusalema, funa umphefumulo wami wahlukane nawe, funa ngikwenze incithakalo, izwe elingahlalwa.”


Jerusalema, hlanza inhliziyo yakho, kuphume ububi, ukuze usindiswe. Koze kube nini imicabango yakho emibi ihlala phakathi kwakho na?


“Ngibashayele ize abantwana benu, abakwamukelanga ukulaywa; inkemba yenu ibadlile abaprofethi benu njengengonyama echithayo.


Ngalokho ekufikeni kwami kwaba ngani ukuba kungabikho muntu, nasekubizeni kungabikho ophendulayo, na? Isandla sami sifinyeziwe nokufinyezwa, ukuze singahlengi na? Noma angisenamandla okophula na? Bheka, ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle, ngenze imifula ibe yihlane; izinhlanzi zalo ziyanuka, ngokuba awakho amanzi, ziyafa ukoma.


Ngase ngibona owesifazane edakiwe yigazi labangcwele negazi lawofakazi bakaJesu. Kuthe lapho ngimbona, ngamangala ngokumangala okukhulu.


“Kepha yathukuthela, kayivumanga ukungena; uyise wayesephuma, wayincenga.


Nga kwenziwani futhi esivinini sami engingakwenzanga kuso na? Kungani ukuba lapho ngithembe ukuthi siyakuthela izithelo zomvini, saveza izithelo zasendle, na?


Ngokuba lo muzi uvuse intukuthelo yami nokufutheka kwami, kusukela osukwini abawakha ngalo kuze kube namuhla, ukuba ngiwususe ebusweni bami,


Inkosi yayala uJerameli indodana yenkosi, noSeraya indodana ka-Aziriyeli, noShelemiya indodana ka-Abideyeli ukuba babambe uBaruki umbhali noJeremiya umprofethi, kepha uJehova wabafihla.


Maye kubo, ngokuba bangibalekele! Makube ngukuchithwa kubo, ngokuba baphambukile kimi! Bengiyakubahlenga mina labo abakhulume amanga ngami na?


Kanjalo niyazifakazela nina ukuthi ningamadodana ababulala abaprofethi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite