Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 23:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, niyeke okunzima komthetho: ukwahlulela nesihawu nokukholwa! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 “Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba ninikela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, kodwa nikushaye indiva okudingwa ngumthetho: ubulungiswa, isihawu, nokukholwa! Benifanele ukwenza lokho, kodwa ningakuyeki nalokhu komthetho.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 Maye kini, babhali nabaFarisi, bazenzisi! Ngokuba nikhokha okweshumi kweminti, neanise, nekhumini, kepha niyeke okubaluleke kakhulu zomthetho, ukwahlulela, nesihawu, nokukholwa;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Maye kini, babhali nabaFarisi, bazenzisi! Ngokuba nikhokha okweshumi kweminti, neanise, nekhumini, kepha niyeke okubaluleke kakhulu zomthetho, ukwahlulela, nesihawu, nokukholwa;

Gade chapit la Kopi




Mathewu 23:23
16 Referans Kwoze  

“Kodwa maye kinina baFarisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokwemifino yonke, ninganaki ukulunga nokumthanda uNkulunkulu! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho.


Ukutshelile, muntu, okuhle; uJehova ufunani kuwe, kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?


Ngokuba ngifuna uthando, hhayi umhlatshelo; ngifuma ukumazi uNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa.


Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni ukuba ziphenduke.”


USamuweli wathi: “UJehova uyenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaJehova, na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo, nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.


Ukwenza ukulunga nokwahlulela kukhethekile kuJehova kunemihlatshelo.


“ ‘Nokweshumi konke kwezwe, okwembewu yezwe noma okwezithelo zemithi, kungokukaJehova; kungcwele kuJehova.


Ngizila ukudla kabili ngeviki, nginikela okweshumi kukho konke enginakho.’


Kepha uma benazi ukuba kuyini lokhu ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo,’ nga ningabalahlanga laba abangenacala.


Lapho esehlelembile ubuso bawo, angithi uhlwanyela amafitshizi,* asakaze ikumini,* atshale ukolweni ngezinhla, nebhali* ezindaweni zalo, nokolweni ocolekileyo eceleni, na?


Usho kanje uJehova, uthi: Yenzani izahlulelo nokulunga, nophule ophangiweyo esandleni somcindezeli, ningoni, ningadluzuli abafokazi, nezintandane, nabafelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo.


“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukungena.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite