Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 23:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nihamba ulwandle nomhlaba ukuba nithole nokuba iproselite* lilinye, lithi selaba njalo nilenze indodana yesihogo ngokuphindiwe kunani!

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 “Maye, kinina zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba niwela ulwandle, nidabule amazwe ukuba nithole abe munye ophendukela enkolweni yenu, athi esephendukile, nimenze indodana yesihogo ngokuphindiwe kunani!

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngoba nizungeza ulwandle nomhlaba ukwenza oyedwa ophendukela kumaJuda, futhi lapho esenziwe, nimenza umntwana wesihogo ngokuphindwe kabili kunani.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngoba nizungeza ulwandle nomhlaba ukwenza oyedwa ophendukela kumaJuda, futhi lapho esenziwe, nimenza umntwana wesihogo ngokuphindwe kabili kunani.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 23:15
17 Referans Kwoze  

esasikade sihamba phakathi kwabo sonke ezinkanukweni zenyama yethu, senza intando yenyama neyengqondo; ngemvelo sasingabantwana bolaka njengabo abanye.


Khona sebehlakazekile abesinagoge,* abaningi babaJuda namaproselite* aqotho balandela oPawulu noBarnaba abakhuluma nabo, bebancenga ukuba bahlale emseni kaNkulunkulu.


wathi: “O wena ogcwele inkohliso yonke nobubi bonke, ndodana kaSathane, sitha sokulunga konke, awuyikuyeka ukuziphambukisa izindlela eziqondileyo zeNkosi na?


Kepha abaJuda abangakholwanga bavusa abezizwe, babenza nhliziyombi ngakubazalwane.


Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.


Bonke abafuna ukubukeka enyameni, yibona abaniphoqela ukusoka, kuphela ukuba bangayikuzingelwa ngenxa yesiphambano sikaKristu.


Banishisekela ngokungekuhle, yebo, bafuna ukunivalela ngaphandle, ukuze nishisekele bona.


Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo othukuthelela umfowabo uyakuba necala lokwahlulelwa; noshoyo kumfowabo ukuthi: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini; noshoyo ukuthi: ‘Siwula,’ uyakuba necala lokulahlwa esihogweni somlilo.


Kwathi abaJuda baseThesalonika sebezwile ukuthi izwi likaNkulunkulu limenyezelwe nguPawulu naseBereya, beza nakhona, bazinyakazisa bezivusa izixuku.


Kodwa kwafika abaJuda, bevela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu; sebezivumisile izixuku bamkhanda uPawulu ngamatshe, bamhudulela ngaphandle komuzi bethi usefile.


naseFrigiya, nasePhamfiliya, naseGibithe, nasezweni laseLibiya ngaseKhurene, nezihambi zaseRoma,


Leli zwi laba lihle kulo lonke ibandla; base bekhetha uStefanu, umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele, noFiliphu, noProkhoro, noNikanori, noThimoni, noPharmena, noNikolawu, iproselite* lase-Antiyokiya,


Ezifundeni zonke nasemizini yonke lapho kufika khona izwi lenkosi nomthetho wayo, abaJuda babe nokuthokoza nokujabula, nedili, nosuku oluhle. Abezizwe abaningi baphenduka abaJuda, ngokuba babehlelwe yingebhe ngabaJuda.


Uma iso lakho lokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni.


Kepha kwathi ebona abaningi kubaFarisi nabaSadusi beza embhapathizweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na?


“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukungena.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite