Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 22:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Khona inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 “Ngakho-ke inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse phandle ebumnyameni, lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimkhiphe, nimkhiphe ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimkhiphe, nimkhiphe ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 22:13
21 Referans Kwoze  

kodwa abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.”


Leyo nceku engasiziyo yiphonseni ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala ngokugedla amazinyo.’


Labo bayimithombo engenamanzi nezinkungu eziqhutshwa yisiphepho, abagcinelwe ubumnyama bobumnyama.


Ngokuba uma uNkulunkulu engayekanga izingelosi ezonileyo, kodwa wazinikela ukuba ziphonswe esihogweni, emigodini yobumnyama, ukuba zigcinelwe ukwahlulelwa,


abazakunikwa isijeziso esingukubhujiswa okuphakade, basuke phambi kobuso beNkosi naphambi kwenkazimulo yamandla akhe,


“Lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo, nxa senibona o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, nabaprofethi bonke embusweni kaNkulunkulu, kepha nina nikhishelwe ngaphandle.


iyinqamule kabili, iyimisele isabelo sayo kanye nabazenzisi; kuyakuba khona lapho ukukhala nokugedla amazinyo.


zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.


zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.


Akusoze kwangena lutho olungcolileyo kuwo nowenza amanyala namanga, kuphela abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.


bangamaza adlangalalayo olwandle, ekhephuza amahlazo awo, izinkanyezi ezidukayo ezigcinelwe ubumnyama bobumnyama baphakade.


nezingelosi ezingagcinanga ubukhosi bazo, kodwa zalishiya ikhaya lazo, izigcinele ukulahlwa kosuku olukhulu ngezibopho ezimiyo phansi kobumnyama,


Kwathi bekuzwa lokho, bahlabeka ezinhliziyweni, bamgugudela amazinyo.


Yekani kukhule kokubili ndawonye, kuze kuvunwe; ngesikhathi sokuvuna ngiyakuthi kwabavunayo: Buthani kuqala ukhula, nilubophe izinyanda ukuba lushiswe, nibuthele amabele engotsheni yami.’ ”


“Futhi umuntu angangena kanjani endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso, na?


Vuka, vuka, wembathe amandla akho, Siyoni, uzigqoke izingubo zakho ezinhle, Jerusalema, muzi ongcwele, ngokuba akusayikungena kuwe ongasokile nongcolileyo.


Omubi uyakukubona, acunuke, agedle amazinyo akhe, abesephela; isifiso sababi siyakubhubha.


Omubi uyamsongela olungileyo ngokubi, amgedlele amazinyo.


yena wafika kithi, wathatha uqhotho lukaPawulu, wazibopha izinyawo nezandla, wathi: “Usho njalo uMoya oNgcwele, uthi: ‘Umuntu olungolwakhe lolu qhotho abaJuda bazakumbopha kanje eJerusalema, bamkhaphele ezandleni zabezizwe.’ ”


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Usemusha wawugqoka, uhambe lapho uthanda khona; kepha nxa usumdala, uyakwelula izandla zakho, omunye akugqokise, akuyise lapho ungathandi khona.


Wayeseyaleza amadoda anamandla asempini yakhe ukuba abophe oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego, abaphonse esithandweni somlilo ovuthayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite