Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 21:33 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 “Yizwani omunye umfanekiso. Kwakukhona umuntu, umninindlu, owatshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba khona isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

33 “Lalelani nanku omunye umzekeliso. Kwakukhona umuntu ongumninindlu. Lo muntu watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba lapho isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wayeseqashisa ngaso kubalimi; waya kwelinye izwe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

33 Zwanini omunye umfanekiso: Kwakukhona umninindlu owahlanyela isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo sewayini kuso, wakha umbhoshongo, wasiqashisa kubalimi, waya elizweni elikhatshana.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Zwanini omunye umfanekiso: Kwakukhona umninindlu owahlanyela isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo sewayini kuso, wakha umbhoshongo, wasiqashisa kubalimi, waya elizweni elikhatshana.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 21:33
23 Referans Kwoze  

Mina ngakutshala ungumvini omuhle, imbewu elungileyo yodwa; pho, uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi, elomvini wabezizwe, na?


“Mina ngingumvini owonawona, uBaba ungumlimi.


Wathi-ke: “Umuntu othile wohlanga olukhulu waya ezweni elikude eyozithathela umbuso, abuye.


Yizwani izwi likaJehova nina bantwana bakwa-Israyeli, ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni, lokhu kungekho qiniso, namusa, nakumazi uNkulunkulu ezweni.


Kunjengomuntu owahambela kwelinye izwe; washiya indlu yakhe, wanika izinceku zakhe amandla, yileyo naleyo wayinika umsebenzi wayo, wayala umlindisango ukuba alinde.


wathi: “Ababhali nabaFarisi bahlezi esihlalweni sikaMose.


“Kepha nithini na? Umuntu wayenamadodana amabili; waya kweyokuqala, wathi: ‘Mntanami, hamba, uyosebenza namuhla esivinini.’


“Yizwani-ke nina umfanekiso womhlwanyeli.


uthi: ‘Zwanini izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda nabakhileyo eJerusalema; usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo, nabo bonke abakuzwayo, izindlebe zabo ziyakunkeneneza ngakho.


Yizwani izwi likaJehova nina babusi baseSodoma, nibeke indlebe ekufundiseni kukaNkulunkulu wethu nina bantu baseGomora.


UMikhaya wathi: “Ngalokho yizwa izwi likaJehova lokuthi: Ngambona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, nebandla lonke lasezulwini limi ngakuye ngakwesokunene sakhe nangakwesokhohlo sakhe.


“Uyakuzikhethela abahluleli nezinduna emasangweni akho onke uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona njengezizwe zakho; bayakwahlulela abantu babo ngokwahlulela okulungileyo.


“Ngokuba umbuso wezulu ufana nomuntu ongumninindlu owaphuma ekuseni ukuqasha izisebenzi ziye esivinini sakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite