Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 21:31 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 “Yiyiphi kulawa amabili eyenza intando kayise na?” Bathi kuye: “Eyokuqala.” UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Abathelisi nezifebe bangena phambi kwenu embusweni kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

31 “Iyiphi kula madodana amabili eyenza intando kayise na?” Bathi kuye: “Eyokuqala.” UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: abathelisi nezifebe bangena ngaphambi kwenu embusweni kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

31 Ngumuphi kulaba ababili owenza intando kayise na? Bathi kuye: Eyokuqala. UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Abathelisi nezifebe bangena phambi kwenu embusweni kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Ngumuphi kulaba ababili owenza intando kayise na? Bathi kuye: Eyokuqala. UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Abathelisi nezifebe bangena phambi kwenu embusweni kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 21:31
26 Referans Kwoze  

Abantu bonke, yebo, nabathelisi sebezwile bamvuma uNkulunkulu, babhapathizwa ngombhapathizo kaJohane.


“Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini.


INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.


Kepha umthetho wangena ukuba isiphambeko sande; kodwa lapho kwavama khona isono, umusa wavama kakhulukazi,


Kepha siyazi ukuthi lokhu okushoyo umthetho ukukhuluma kubo abasemthethweni ukuba yonke imilomo ivinjwe, izwe lonke libe necala kuNkulunkulu,


“Kanjalo abokugcina bayakuba ngabokuqala, nabokuqala babe ngabokugcina.”


Ngokuba izikhathi zokungazi wazithalalisa uNkulunkulu, kodwa kalokhu usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke,


“Wathi kuyo: ‘Ngizakukwahlulela ngomlomo wakho wena nceku embi. Ubuwazi ukuba ngingumumtu olukhuni, ngithabatha engingakubekanga, ngivuna engingakuhlwanyelanga;


Ngithi kini: Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.”


wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu.


Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”


Esadlula lapho uJesu wabona umuntu othiwa uMathewu ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele.” Wasuka-ke, wamlandela.


Ngumlomo wakho okulahlayo, akusimi; izindebe zakho ziyafakaza ngawe.


“Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bethanda ukukhuleka bemi emasinagogeni* nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.


Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.


Yisho kubo, uthi: ‘Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angithokozi ngokufa komubi, kuphela ngokubuya komubi endleleni yakhe aze aphile. Buyani, buyani ezindleleni zenu ezimbi; niyakufelani nina ndlu yakwa-Israyeli na?’


Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi njalo nabathelisi na?


“Wayeseya kwenye, washo kanjalo. Yona yaphendula yathi: ‘Ngiyaya, nkosi;’ kepha kayiyanga.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.”


Waphendula uJesu, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite