Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 21:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 “Kepha nithini na? Umuntu wayenamadodana amabili; waya kweyokuqala, wathi: ‘Mntanami, hamba, uyosebenza namuhla esivinini.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

28 “Nina-ke nithini na? Umuntu wayenamadodana amabili; waya kweyokuqala wathi: ‘Mntanami, hamba uyosebenza namuhla esivinini.’

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

28 Kepha nithini na? Umuntu othile wayenamadodana amabili; waya kweyokuqala, wathi: ‘Mntanami, hamba uyosebenza namuhla esivinini sami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Kepha nithini na? Umuntu othile wayenamadodana amabili; waya kweyokuqala, wathi: ‘Mntanami, hamba uyosebenza namuhla esivinini sami.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 21:28
13 Referans Kwoze  

Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.


Ngikhuluma njengakwabahlakaniphileyo; qondani engikushoyo.


“Ngokuba umbuso wezulu ufana nomuntu ongumninindlu owaphuma ekuseni ukuqasha izisebenzi ziye esivinini sakhe.


Kunjengomuntu owahambela kwelinye izwe; washiya indlu yakhe, wanika izinceku zakhe amandla, yileyo naleyo wayinika umsebenzi wayo, wayala umlindisango ukuba alinde.


Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babe namacala kunabantu bonke abakhileyo eJerusalema na?


“Yizwani omunye umfanekiso. Kwakukhona umuntu, umninindlu, owatshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba khona isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe.


Wathi: “Uyayithela.” Esengene endlini uJesu wamandulela, wathi: “Usho ukuthini, Simoni? Amakhosi omhlaba athatha kubaphi intela nenkokhiso, kumadodana awo noma kubafo, na?”


Ngakho sitshele, uthini wena? Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha?”


Wathi kuye: “Angiyikuhamba; kepha ngiyakusuka, ngiye ezweni lakithi nasezihlotsheni zami.”


Base bemphendula uJesu, bethi: “Asazi.” Wayesethi kubo naye: “Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.”


“Yaphendula yathi: ‘Angithandi;’ kodwa ngasemuva yaguquka, yaya.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite