Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 21:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 UJesu wayesephendula, ethi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa, ningangabazi, aniyikwenza okomkhiwane kuphela, kodwa noma nithi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ kuyakwenzeka;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 UJesu wabaphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma nikholwa ningangabazi, aniyukwenza kuphela lokhu okwenzeke emkhiwaneni, kodwa noma nithi kule ntaba: ‘Zimbuka, uphonseke olwandle,’ lokho kuyakwenzeka.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 UJesu waphendula wathi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Uba lilokholo, lingathandabuzi, kaliyikwenza lokhu emkhiwaneni kuphela, kodwa loba lisithi kulentaba: Suka; uphonseke elwandle; kuyakwenziwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 UJesu waphendula wathi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Uba lilokholo, lingathandabuzi, kaliyikwenza lokhu emkhiwaneni kuphela, kodwa loba lisithi kulentaba: Suka; uphonseke elwandle; kuyakwenziwa.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 21:21
9 Referans Kwoze  

Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.


Wayesethi kubo: “Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: ‘Suka lapha, uye laphaya,’ iyakusuka; akukho okuyakunahlula.


Noma nginokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke, noma nginokukholwa konke ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.


kodwa abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.”


Bekubona lokho abafundi bamangala bathi: “Umkhiwane ubune kanjani masinyane na?”


Wayesethi: “Woza.” Wehla-ke uPetru emkhunjini, wahamba phezu kwamanzi, weza kuJesu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite