Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 21:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Wayesebashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya, walala khona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Wahamba, waphuma emzini, waya eBhethaniya, walala ubusuku lapho.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Wabashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya; walala khona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Wabashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya; walala khona.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 21:17
16 Referans Kwoze  

IBethaniya laliseduze neJerusalema, kungaba ngamastadiyu* ayishumi nanhlanu.


Kwakukhona othile ogulayo, uLazaru waseBethaniya umuzi wakubo kaMariya nodadewabo uMarta.


Wabahola, baze bafika ngaseBethaniya, waphakamisa izandla zakhe, wababusisa.


UJesu wangena eJerusalema, waya ethempelini; esekubukile konke waphuma, sekuhlwile, waya eBethaniya kanye nabayishumi nambili.


Njalo ngokuhlwa baphuma emzini.


Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso, kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi.” Wabashiya, wamuka.


Kwathi esondele eBetfage naseBethaniya ngasentabeni ethiwa eYeminqumo, wathuma ababili kubafundi bakhe,


Kwathi ekuhambeni kwabo wangena emzini othile; owesifazane othile, igama lakhe nguMarta, wamamukela endlini yakhe.


Kwathi ukuba basondele eJerusalema, naseBetfage, naseBethaniya ngaseNtabeni Yeminqumo, wathuma ababili kubafundi bakhe,


UJesu wasuka kanye nabafundi bakhe, waya ngaselwandle; isixuku esikhulu samlandela sivela eGalile, naseJudiya,


Kuthe uJesu eseBethaniya endlini kaSimoni owayenochoko,


Noma bekhulisa abantwana babo, nokho ngiyakubaphuca bona kungasali muntu; yebo, maye kubo, lapho ngimuka kubo!


Mawuxwayiswe, Jerusalema, funa umphefumulo wami wahlukane nawe, funa ngikwenze incithakalo, izwe elingahlalwa.”


Kwathi eseBethaniya endlini kaSimoni owayenochoko, ehlezi ekudleni, kwafika owesifazane ephethe umfuma we-alabaste* wamafutha enadi* lodwa elibiza kakhulu; wachoboza umfuma wathela amafutha ekhanda lakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite